Izindaba

Iyaveva iNdlunkulu ecishe yaphuthwa uMkhosi weLembe

Sabelo Nsele|Published

Izimoto zaseNdlunkulu

Image: Sigciniwe

 ITHUKUTHELE iyaqhuma iNdlunkulu kaZulu ecishe yawuzwa ngendaba uMkhosi weLembe  ngenxa yokucikizela kwezimoto ebizihlelelwe wuhulumeni.  

OwaseNdlunkulu ukhwele wadilika ezikhulwini zikahulumeni, waveza ukuthi abanye abaNtwana kuphoqeleke ukuthi benze ezinye izinhlelo zokuya koweLembe ngenxa yobuhixihixi ekuhlelweni kwezimoto ebezizobalanda.

Omele iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini endlini yobuholi bomdabu, uMntwana uNathi kaPhumanyova Zulu, uthe kuze kwashaya usuku lomkhosi, uLwesithathu, kungacaci ukuthi kwenzekani ngezimoto ebezihlelelwe abaNtwana baseNdlunkulu.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma eMkhosini weLembe, obuKwaDukuza ngoLwesithathu. 

UMntwana uNathi, obebhodla umlilo, uthe baze balala ngoLwesibili kungaqinisekisiwe ukuthi zizosuka nini izimoto ebezihlelelwe abaNtwana baseNdlunkulu. 

"Buningi ubunzima esibhekene nabo ekuhleleni izimoto ezizothwala abaNtwana beNkosi. Akukwazi ukuthi kwaziwa ukuthi kuzoba nomcimbi omkhulu kangaka kodwa izinhlelo zezimoto ezizothutha iNdlunkulu ngize ngitshelwe ngazo ngo-5.45 ekuseni. 

"Ngitshelwe ngo-5.45 ukuthi angikhulule izimoto zithathe abaNtwana, kwathiwa sesingaphuma. Izimoto zizosuka KwaNongoma ngo-5.45 ziza lapha. INgonyama izoqala umcimbi ngo-9 noma ngo-10. Zizofika nini lezo zimoto okuthiwa azisuke KwaNongoma ngo-5.45? Ngeke kuthi ngo-11 ebusuku (ngoLwesibili) ngitshelwe ukuthi angime, ngingazidedeli izimoto. Ngilale ngo-12, ngavuka ngo-4. Kuze kwashaya u-5.45 kwayima kuthiwa angizikhulule izimoto."

UMntwana uNathi uthe bese behambile abaNtwana ngesikhathi kuphuma umyalelo wokuthi sezingaphuma izimoto ezizobathatha.

"Zizogitshelwa wubani lezi zimoto ngoba abaNtwana beNkosi bese behambile lapho abebezilinde khona. Kwenziwe ngamabomu ukuthi izimoto zingafiki ngesikhathi khona iNdlunkulu ingezukuwubona lo mcimbi. Mina ngokwazi kwami lo msebenzi owayo iNdlunkulu. INdlunkulu kufanele ifike izobona, innkanke iSilo ukuze umsebenzi ube yimpumelelo."

 

UMntwana uNathi uthe wakhala ngalesi simo ngesikhathi kunomhlangano wokulungiselela umkhosi kodwa kubukeka sengathi izikhalo zakhe zashaywa indiva.

"Ngifikile nakulo mhlangano obuseStanger ngabatshela ukuthi musani ukubulala umsebenzi weNgonyama. Lo msebenzi waqalwa ngelinye izinga, manje seniwenza ube kwelinye izinga. Ngiyabona ukuthi bazitshele ukuthi ngiyadlala ngesikhathi ngibakhuza. Thina KwaMandlakazi sazi ukuthi kuningi umuntu okufanele enziwe khona uma engafuni ukulalela. Namanje ngiyacela ningikhuzele lo muntu okuthi kwaziwa ukuthi kunomsebenzi weNgonyama, yena angakugunyazi ukukhishwa kwezimoto ezizolanda abaNtwana baseNdlunkulu.

"Ubehleli isonto lonke engakugunyazi ukukhishwa kwezimoto, waze wakugunyaza ekuseni ngoba nakhu sekuthanda yena. Ukuthi nje yingoba nakhu ngingamazi. Kodwa ngiyacabanga ukuthi njengoba ngishaya inja uzovela umnikazi wayo. Uma ungamboni umnikazi wenja kufanele ushaye yona ukuze avele umnikazi wenja. Namanje angimazi lo muntu."

Isililo soMntwana uNathi sinanelwe nangusihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, naye okhale ngokuthi amakhosi abengahlelelwe izinto zokuthutha.

Okhulumela uMnyango wobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Thabo Mofokeng, ucele ukuba athunyelelwe imibuzo, nokho kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.