Izindaba

Usolwa ngokuba umalugaju oboshelwe elokubulala owesifazane

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKSZ Nondumiso Dlamini otholakale ngoMgqibelo, ehlathini eMayville, egwaziwe wadlwengulwa

Image: Sithunyelwe

KUSOLWA ukuthi kade awuqala umkhuba wokulutha abesifazane abathembise umsebenzi, bese eyababulala ehlathini laseMayville, eThekwini, owesilisa oboshwe ngoMgqibelo ntambama, ngemuva kokuthi evume ukuthi nguye obulale owesifazane obesenamasonto amabili edukile kule ndawo.

UNksz Nondumiso Dlamini (23), wahamba kubo eyoqala umsebenzi ngemuva kokuthi umsolwa emthembise itoho emizini eseduzane nala behlala khona.

Uma elandisa udaba lwakhe uyise kaNksz Dlamini, uMnuz Sbusiso Khanyile, uthe uyoyixoxela amagwababa echobana into ayibone isiyindodakazi yakhe eyahamba ibuya kodwa kwase kuba ukuyigcina kwabo.

"UNondumiso ubengasebenzi ngakho ubengumuntu owufunayo umsebenzi ngenxa yesimo sasekhaya. Ngakho-ke kuthe ngoLwesihlanu oludlule (Septhemba 12), wahamba ethi kukhona umuntu omtholele umsebenzi, uyobona lana ezosebenza khona. Asinakanga engabuyi ngosuku lokuqala njengoba besazi ukuthi ungumuntu onesoka kodwa sakhathazeka ngoMgqibelo uma lize lishona ilanga singezwa lutho. Kuthe uma kuqala isonto, sase sihamba sibuza ebantwini emphakathini kodwa bemlandula bethi akaze bambone," kusho uKhanyile.

ABANTU bese bemi izixongololo kubatshazwa ukutholwa ehlathini laseMAyville kwesidumbu sikaNksz Nondumiso Dlamini

Image: SITHUNYELWE

Uthe ngoLwesine, kukhona abantu ababatshela ukuthi bagcina ukumbona ehamba nomsolwa nokwabaphoqa ukuthi baye kuye.

"Waqala indaba ende ethi akamazi kodwa sigcine sibize amaphoyisa ukuthi azomthatha ukuze amphenye kahle. Sigcine sesibizwa kuthiwa usevumile ukuthi uyamazi uNondumiso ukuthi ukuphi, nokula siye ehlathini elingekho kude nathi, wamkhomba. Ingane yami ibisiqala ukonakala, okungiphatha kabi ukuthi uyicwiyile njengoma iminwe inqunyiwe nesingazi noma udayisa izicubu zemizimba yini. Uyidlwengulile wayigwaza kaningi," kusho yena.

Uthe okunye okuvelile ukuthi lona wesilisa kungenzeka ukuthi wumkhuba wakhe omdala lona njengoba kukhona owesifazane ophumele obala wathi wasinda kukubi kumsolwa ezama ukumenzakalisa kulona leli hlathi.

"Ubazi ukuthi amantombazane amaningi awasebezi endaweni, kungakho ebenza lo mkhuba. Lona wesifazane uthi naye wayemthembise umsebenzi kodwa wamjikela endleleni, wathi abahambe ngenye indlela, nokula azama khona ukumlimaza. Lona wesifazane uveze ukuthi weza kuye esezomncenga ukuthi angatsheli muntu ngakade ezama ukukwenza. Okunye okusikhathazayo ukuthi kudala kuduka abantu besifazane endaweni nesisola ukuthi uyena lona obebabulala ngakho njalo ukubathembisa umsebenzi," kuchaza uKhanyile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, akayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngodaba.