Izindaba

UNyazi eMkhosini weLembe

Sabelo Nsele|Published

MDUDUZI 'Nyazilwezulu' Shembe

Image: DOCTOR NGCOBO

UZOHANJELWA nangumholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, Inkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, uMkhosi weLembe wakulo nyaka.

UNyazi luzobeka amazwi emkhosini wakukhumbula iSilo uShaka kaSenzangakhona ozokuba  KwaDukuza kusasa.

Lezi zindaba ziqinisekiswe okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu.

UMntwana uThulani uthe iMbube icele uNyazi ukuba lubusise umkhosi wakulo nyaka.

"Njengoba ngikhuluma nawe nje manje ngibheke emhlanganweni lapho siyophothula khona amalungiselelo omkhosi. Njengoba kuza uNyazi kufanele sibe nomhlangano wokuvumelana ngenqubo ezolandelwa. UNyazi luzokuba namazwi elizowethula emkhosini, futhi luzokube luphelezelwa amaNazaretha."

ISilo uMisuzulu Sinqobile KaZwelithini siyiNazaretha lokuqina, futhi sabhabhadiswa yilo uNyazi.

Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe amaNazaretha azokube ephume ngezinkani.

"Njengoba izwi leNkosi seliphumile ukuthi asiyiphelezele, akusekho ukujikela eceleni. AmaNazaretha azokube ephume ngezinkani. Akukho ke okuningi engingakuphawula ngoMkhosi weLembe ngoba thina okwethu ukuyothandaza. UMntwana uThulani uyena ongachaza kabanzi ngalokho."

UMncwabe uphinde wagcizelela elokuthi ukuhambela koNyazi uMkhosi weLembe ngeke kuphazamise isikhumbuzo seNkosi Amos Nyangayezulu Shembe esizokuba kusasa, ntambama, eBuhleni.

"Abantu abangadideki bezitshele ukuthi isikhumbuzo asikho njengoba iNkosi (uNyazi) izokuya KwaDukuza. Inkosi izobuyela eBuhleni. Isikhumbuzo sizongena ntambama."

UMntwana uThulani uthe balindele izinkulungwane zabantu emkhosini wakulonyaka njengoba kuzobe kukhona namaNazaretha.

"Ngingasho nje ukuthi silindele abantu abaphakathi kuka-8 000 no-10 000. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu. Akhona amabhasi kanye namatekisi ahleliwe ukuba athuthe abantu."

UMntwana uThulani ukhumbuze amabutho ukuthi umgangela awuvumelekile emkhosini.

UMntwana uThulani uthe minyaka yonke bahlezi beyikhuza indaba yomgangela, wathi kuyabakhathaza ukuthi kukhona abasaqhubeka nalo mkhuba.

"Mhlawumbe ake ngithi sizothembela kakhulu kwabezokuphepha. Siyohlezi siyisho le nto ukuthi leyana akuyona indawo yokuthi kube nomgangela. Leya yindawo engcwele. Laphaya sisuke siyokhumbula iqhawe. Siyazi ke ukuthi lalidume ngempi kodwa ke lokho akusho ukuthi kufanele kuliwe uma kuwusuku lokuthi silikhumbule. Kufanele leya ndawo siyigcine ingcwele. Abantu akufanele bakhiphane igazi. Ngakho ke siyanxusa ukuthi bayeke umgangela."

INdlunkulu ibike ngokusemthethweni umkhosi ngembuzi nenkomo edlinzeni leLembe, izolo.

"Lo msebenziuyabikwa. Yingakho siwubike ngenkomo nembuzi."