Izindaba

UMchunu wangena wagamanxa emsebenzini wami - Masemola

Sabelo Nsele|Published

FANNIE Masemola

Image: Kamogelo Moichela/IOL Politics

UKHOMISHANA wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola, uthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, wagxambukela emsebenzini wakhe ngokukhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMasemola uthe uMchunu akanawo amandla okukhipha imiyalelo yokuthi amaphoyisa kufanele asebenze kanjani.

Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga.

UMasemola uthe isigaba somthetho u-205:3 sinikeza yena amandla okunquma ukuthi amaphoyisa azosebenza kanjani.

UMasemola uthe lo mthetho uthi uMchunu kufanele aqhamuke nemigomo.

"Uma ngingenza isibonelo nje uma kuthiwa sibhekene nenkinga yezidakamizwa ezingena kuleli ziqhamuka emazweni angaphandle, ungqongqoshe angakwazi ukusho ukuthi amaphoyisa kufanele agxile ekuphenyeni la macala. Kodwa ke akakwazi ukusitshela ukuthi kufanele silwe kanjani nalobo bugebengu. Kuwumsebenzi wamaphoyisa ukuqhamuka namaqhinga okulwa nabo."

UMasemola uthe uMchunu kufanele adlalele kude nodaba lokusebenza kwethimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngoba luthinta ukusebenza kwamaphoyisa.

"Mhlawumbe into ayengayenza yena wukwenza isiphakamiso sokuthi lihlakazwe ithimba uma kuwukuthi ubona sengathi alisebenzi. Mhlawumbe ke sasingaluxoxa lolu daba. Akakwazi ukuqhamuka esesitshela ukuthi asihlakaze ithimba. Okunzima kakhulu wukuthi uqhamuka esethi ithimba alihlakazwe khona manje."

UMasemola uthe okwamkhathaza kakhulu wukuthi uMchunu wazithathela eyedwa isinqumo sokuhlakaza ithimba.

"Ngesikhathi kusungulwa ithimba kwaphuma umyalelo kumengameli, kwahlanganiswa ikomiti leminyango eyehlukene okukhona owamaPhoyisa, oweziNhloli nowezoBulungiswa. Akukwazi ke ukuthi isinqumo sokuhlakaza ikomiti bese siqhamuka kungqongqoshe womnyango owodwa."

UMasemola uthe okwenza ukuthi angahambisani nesinqumo sokuhlakazwa kwethimba wukuthi lalenza kahle.

UMasemola uthe umsebenzi wethimba wanconywa kakhulu owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi ekhuluma ngo-2023.

"Angazi ukuthi ungqongqoshe wayekuthathaphi ukuthi ithimba liyahluleka wukwenza umsebenzi walo. Wonke umuntu uyazibonela ukuthi ithimba lenza umsebenzi oncomekayo. Baningi abantu ababoshwayo nabagwetshwayo. Kazi ubani owamtshela ukuthi ithimba liyahluleka ukwenza umsebenzi. Uma ayefuna ukwazi ngomsebenzi kwakufanele abuze kimi, ngangizomchazela."

UMasemola uthe wabikela uMengameli Ramaphosa, ngalolu daba.

"Nngamchazela uRamaphosa ukuthi angihambisani nokuhlakazwa kwethimba. Ngathi okungenani uma kuwukuthi ithimba liyahlakazwa, akungaxhanyazelwa. Angazi ukuthi kwase kujahwephi kangaka. URamaphosa wathi uzokhuluma noMchunu. Wabuye wangitshela ukuthi ukhulumile noMchunu kodwa angazanga ukuthi bavumelana ngokuthini."

UMasemola uthe umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba wakhishwa ngesikhathi esathathe ikhefu.

Uthe usola sengathi kwenziwa ngamabomu ukuba kukhishwe lo myalelo ekubeni esathathe ikhefu.

UMasemola uphinde waveza ukungenami ngokuziphatha kwePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya.

UMasemola uthe uSibiya washaya indiva imiyalelo yakhe, wabhala incwadi eyalela ukuba kuhlakazwe ithimba.

"Wafika nezincwadi ezimbili kimina nganqaba ukuzisayina. Waqhubeka wakhipha incwadi eyalela ukuba kuhlakazwe ithimba."

UMasemola uthe bamxwayisa uMchunu ngoSibiya.

"Ngamtshela ukuthi kunezinsolo zokuthi uSibiya usondelene nezigebengu."

UMasemola uthwale kanzima ukuchaza ukuthi kungani agcina ekhombisa ukugoba uphondo odabeni lokuhlakazwa kwethimba.

UMadlanga ubuze uMasemola ukuthi yini eyenza ukuthi agcine ekhipha umyalelo wokuthi ithimba lingabe lisanikezwa amacala amasha uma kuwukuthi wayephikisana nomyalelo wokuthi livalwe.

UMasemola uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.