Izindaba

Kuvela okushaqisayo ngemihlomulo yezikhulu zamabhizinisi kahulumeni eKZN

Sabelo Nsele|Published

Musa Zondi

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Newspapers

'ZIYIKHA ngamafosholo imali izikhulu namalungu amabhodi kahulumeni waKwaZulu-Natal'. 

Impendulo ebhaliwe kaMphathiswa woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, uMfu Musa Zondi, ikhombisa ukuthi izikhulu zamabhizinisi kahulumeni wesifundazwe zihola izigidi zamarandi ngonyaka.

Isikhulu esihola kakhulu sihola imali engaphezu kuka-R4 million ngonyaka.

Osihlalo bamabhodi namalungu amabhodi nabo athola imihlumulo ebhekile.

Umbuzo ububuzwe ilungu le-DA esiShayamthetho, uNksz Hanna Lidgett. Impendulo kaZondi iveza ukuthi isikhulu esihola kakhulu eseThala Development Finance Cooperation, uNksz Pearl Bhengu. 

Ngokwempendulo, uNksz Bhengu uhola u-R4.4 million ngonyaka. 

Uphinde athole eminye imihlumulo efana nemoto yohlobo lukaNokusho kanye nemali yobumnandi ewu-R25 000.

Amalungu ebhodi leThala Development Finance Cooperation nawo ayayibulala imali. 

Usihlalo webhodi, uMnuz Sihle Mkhize, uthole u-R1.1 million kunyakamali owedlule. 

Amanye amalungu ebhodi athole imali esukela ku-R800 000 kuya phansi ngonyaka. 

Isikhulu esiphezulu kwiRichard's Bay Industrial Development Zone, uMnuz Thabane Zulu, uthole u-R3.9 million uma sekubalwa yonke imihlomula ayithole ngonyakamali owedlule.

Isikhulu seKZN Trade Investment, uMnuz Sihle Ngcamu,sithole u-R3.3 million, kwathi isikhulu esiphezulu kwiKZN Economic Regulatory Authority, uNksz Portia Baloyi, sona sahola u-R3.1 million.

Isikhulu esiphezulu kweZemvelo KZN Wildlife, uMnuz Sihle Mkhize, sigixabezwe ngo-R2.4 million, kwathi isikhulu esiphezulu kwi-KZN Sharks Board, uMnuz Harry Mbambo, sahola u-R2.1 million.

UNksz Lidgett uthe kumshaqisile akubona empendulweni kaZondi.

"Ngonyakamali owedlule kusetshenziswe u-R30 million ukuholela izikhulu eziphezulu emabhizinisini kahulumeni. Uma uyicaza le mali ikutshela ukuthi isikhulu sisinye sihola u-R2.5 million ngonyaka. Imali engu-R6.6 million ikhokhele osihlalo bamabhodi, kwathi u-R4.4 million wona wakhokhela amaphini osihlalo bamabhodi. Impendulo kaZondi ikhombisa ukuthi lapha ayibaliwe imali ekhokhelwa osihlalo bamabhodi, amaphhini amabhodi namalungu amabhodi uma ehambela imihlangano."

UNksz Lidgett uthe okubakhathazayo ukuthi ayikho imithetho ecacile ebekiwe eshoyo ukuthi kufanele izikhulu namalungu amabhodi amabhizinisi kahulumeni akhokhelwe kanjani. Uthe sebebhalele uZondi bebuza ukuthi inqunywa kanjani imihlomulo yezikhulu namalungu amabhodi.

"Asazi ukuthi inqunywa kanjani imali abakhokhelwa yona.

"Siyavuma ukuthi benza umsebenzi obalulekile kodwa ukungabi khona kwemigomo kushiya imibuzo eminingi. Sikholwa ukuthi abantu abathola imihlomulo emingaka kufanele kube nencazelo yokuthi kungani beyithola, ikakhulukazi njengoba sikhula isibalo sabantu abangasebenzi KwaZulu-Natal. Izibalo zakamumva zeStatSA zikhombisa ukuthi isibalo sabangasebenzi KwaZulu-Natal sesingu-44.7%."