ABASEBUKHOSINI baseMdletsheni ngesikhathi kuqhubeka icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu
Image: Sithunyelwe
KUPHENDUKE amatafula ecaleni lombango wobukhosi baseMdletsheni, eHluhluwe, eliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Inkantolo ivune iNkosi esanda kudilizwa esikhundleni, uZolani Siphesihle Mdletshe, maqede yavimba inkosi esanda kuvunywa uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMakabongwe Simangaliso Mdletshe.
Inkantolo ikhiphe isivimbelo esinqanda uMakabongwe ukuba ahlale esihlalweni kuze kube kuthethwa icala lombango wesihlalo.
Umbango wesihlalo sobukhosi baseMdletsheni uqale emva kokuba iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal ivuma ukuqokwa kukaMakabongwe ngo-Agasti.
Ukuqokwa kwakhe kwasusa umsindo kwaze kwashiswa inkantolo yenkosi.
Emva kwesinqumo sikahulumeni waKwaZulu-Natal, uZolani, owangena esihlalweni sobukhosi ngo-2021, wabe esenikela enkantolo eyophonsela inselelo ukugudluzwa kwakhe.
IJaji uMalizo Gwagwa liyalele uMakabongwe ukuthi ake athi ukubamba amatomu njengoba kusenecala eliphonsela inselelo ukuqokwa kwakhe.
"Uyalelwa ukuba uyeke ukuzibiza ngenkosi, uyeke ukwenza umsebenzi wenkosi kanye nokugxambukela ezindabeni zobukhosi baseMdletsheni kuze kuba kuphuma isinqumo ecaleni eliphonsela inselelo ukuqokwa kwakho."
UGwagwa uyalele iHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ukuba bangalinge bagcobe uMakabongwe njengoba kusenombango wesihlalo sobukhosi.
"Isinqumo esathathwa iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal sokuvuma ukuqokwa kukaMakabongwe sizoma ukusebenza kuze kube kuphuma isinqumo ecaleni lombango."
Inkantolo iphinde yayalela uhulumeni waKwaZulu-Natal ukuba uqhubeke nokukhokhela uZolani yonke imihlumulo abeyithola njengenkosi yesizwe.
UZolani wagcina ukuthola imihlumulo ngoJulayi, ngaphambi kokuthi uhulumeni uvume ukuqokwa kukaMakabongwe. UMakabongwe uyindodana yaloyo owayeyibamba bukhosi, uMnuz Bonga Mdletshe.
UBonga wabamba ubukhosi emva kokukhothama kweNkosi uSipho Mdletshe.
UZolani yena owumzukulu weNkosi uSipho, uzalwa uMnuz Xolani Dlozilabatshe Mdletshe, ongakwazanga ukuthatha isihlalo sobukhosi ngenxa yokuthi wake waboshwa.
Undunankulu wesizwe, UMnuz Wiber Mdletshe, uthe wayevele eshilo ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal awuzange ulusingathe kahle lolu daba.
"Okwenzeka mzukwane bezobeka inkosi entsha ngangibatshelile ukuthi bakwenze budedengu, nenkantolo nayo ibatshelile ukuthi baba budedengu. Bafika lapha enkantolo yenkosi saxoshwa njengabantu abayizigangi. Bafike baqhatha, abayenzanga ngenhlonipho le nto abayenza."
UWiber uthe kwacishe kwasuka uthuthuva ngenxa yobudedengu bukahulumeni wesifundazwe.
"Uma ufica umlilo usha, awufike ufake uphethroli. Kufanele ufike ubhule umlilo. Bona bafika benza izinto ngoba nakhu bethembe amaphoyisa. Ukube abantu bahlulwa intukuthelo babogcina sebebulawa amaphoyisa ngenxa yobudedengu nje."
Related Topics: