Izindaba

Inkampani kashukela isayinde isivumelwano nosomabhizinisi abamnyama

Nokubongwa Phenyane|Published

INKOSI uMalusi Zondi noMnuz Gavin Dalgleish ongumphathi wenkampani kashukela, iTongaat Huletts, ngemuva kokusayinda isivumelwayo sokusebenzisana ukuze kuthuthukiswe osomabhizinisi abamnyama

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi sithele izithelo isivumelwano sokusebenzisana esisayindwe yinkampani kashukela, iTongaat Huletts Limited, nenhlangano yosomabhizinisi abamnyama iThe Black Business Federation (BFF).

Lesi sivumelwano kubhekwe ukuthi ngaso abalimi abamnyama nosomabhizinisi abancane - abafuna ukungena ekusebenzeni nale nkampani, bathole ukuqeqeshwa okuhlukene ukuze amabhizinisi abo athuthuke.

Okunye okulindelekile ukuthi kuthuthukiswe imiphakathi yabantu abamnyama okulinywa kuyo umoba.

Ekhuluma ngemuva kokuthi besayinde lesi sivumelwano, iNkosi uMalusi Zondi ephethe i-BFF yabamnyama, ithe bayaziqhenya kakhulu ngokusayina isivumelwano esifana nalesi njengoba kungekho ongazi ukuthi iHuletts inkampani enkulu nehamba phambili KwaZulu-Natal,r eyaziwa ngokuba nomthelela omuhle kwezolimo nokuthuthukisa amathuba omsebenzi endaweni ekuyo.

"Isivumelwano lesi esichaza ukuthi sobambisana ekuthuthukiseni umnotho, ikakhulukazi emabhizinisi ahlukene aphethwe ngabantu abamnyama, hhayi nje kuphela lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal kodwa kuleli lonke. Isivumelwano lesi esihambisana kahle nohlelo lokuqeda nya indlala njengoba luzoqinisa ekutheni luthuthukise abantu abahlukene okukhona kubo intsha emnyama, abesifazane, abakhubazekile namasosha alwela elakuleli ngesikhathi sobandlululo nasathatha umhlalaphansi," kusho iNkosi uZondi.

Uthe abantu abazosebezisana nabo kakhulu futhi osomabhizinisi abasakhula abamnyama, abafuna ukuthola amathuba omsebenzi ngaphakathi kaHuletts, abafuna ukufunda ngamathuba ahlukene ngaphakathi kule nkampani nabafuna ukufukula imiphakathi abasuka kuyo.

"Sijabule ukuthi kube khona ukusebenzisana phakathi kwethu ukuze kube khona ukuvuleka kwamathuba ahlukene azofukula okuningi ukusiza abantu abangasebenzi emphakathini yakithi," kuchaza yena.

Uveze ukuthi bamema wonke umuntu ukuthi abheke amathuba abazowavula ukuze bakwazi ukusizakala ezintweni abazenzayo abafuna zithuthuke.