Izindaba

IMbube izogubha usuku lokuzalwa ngomdlalo wegalofu

Sabelo Nsele|Published

Misuzulu kaZwelithini

Image: archive

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizogubha usuku lwaso lokuzalwa ngomdlalo wegalofu nedili lasebusuku.

IMbube izokuba ingxenye yomdlalo wegalofu wakuyihlonipha ozokuba namhlanje, iphinde futhi ibe ingxenye yesidlo sakusidlwa.

IMbube izalwa ngoSeptemba 23, ngokusuku olwandulela uMkhosi weLembe.

Imicimbi yokubungaza usuku lokuzalwa kweSilo kulindeleke ukuthi ihanjelwe abasebukhosini kanye nosomabhizinisi.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uziqinisekisile izinhlelo zokubungaza usuku lokuzalwa kweMbube.

"Nakuba ke ngingemningi kakhulu ezinhlelweni kodwa ngiyazi ukuthi kuzokuba nomdlalo wegalofu wokuhlonipha iSilo njengoba sizalwa nje. ISilo isona esizoshaya ibhola lokuqala. Kuzophinde futhi kube nesidlo sakusihlwa lapho kuzokube kusaqhubeka zona izinhlelo zokugubha usuku lokuzalwa kweSilo."

Umdlalo wegalofu wokugubha usuku lweSilo uzokuba seSimbithi Country Club, eBallito. 

Abazokuba ingxenye yomdlalo kuzofanele baqine emaphaketheni.

Ngokwanani asesikhangisweni, abazokuba yingxenye yomdlalo kufanele babe nemali ephakathi kuka-R30 000 no-R100 000.

Ihlukene izigaba ezine imali yokudlala.

Kukhona izigaba ezimbili zika-R30 000, kube khona esika-R50 000 kanye nesika-R100 000.

Unyaka wesibili lona kuba nomdlalo wegalofu wokuhlonipha iSilo.

Ngonyaka owedlule, kwaqhuma uBayede ngesikhathi iMbube igeja igalofu.

Ngakusasa, iSilo sizohola uMkhosi weLembe ozokuba KwaDukuza.

Umkhosi wakulo nyaka uzohanjelwa nangumholi wamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, iNkosi Mduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, ozokwethula inkulumo.