Kusolwa izidakamizwa kubulawa abane
Image: Sigciniwe
KUSOLWA impi yomzila wokudayisa izidakamizwa okuvela ukuthi idla lubi eCato Manor, eThekwini, njengoba ngoLwesithathu kudutshulwe kwafa abantu abane ezigamekweni ezehlukene.
Esigamekweni sokuqala kuthiwa kuhlasele amadoda angaziwa afike avulela ngenhlamvu kubantu akade behlezi endlini.
Kulesi sigameko kushone uMnuz Thokozani Ngubane (40), intombi yakhe uNksz Abongile (isibongo Isolezwe eligcine lingasitholanga) nomngani wabo uMasokisi.
Ngezansi kwakhona kube sekudutshulwa intombazane uLinamandla Magudu (15), naye okuthiwa ubesondelene noNgubane.
Umthombo weSolezwe ocele ukungavezwa njengoba usabela impilo yawo nobungozi balesi sigameko uveze ukuthi akuqali ukuthi kube nemizamo yokudubula uNgubane njengoba ake apulukutshela kufike abantu bezomfuna.
"Kubangwa izidakamizwa nje akukho okunye. Iqiniso lendaba yilelo, asifuni lokhu sishona lena nalena, kukhona umuntu lapha endaweni akade bengazwani naye uNgubane okunguye okusolwa ukuthi uthenge izinkabi eziqede ngempilo yalaba, njengoba abababonile bathe abafana baseNanda ababulele laba," kusho umthombo.
"Bekungathi kuqhuma uthayela, kodwa abasaziyo isibhamu basho ukuthi yisona. Kube sekusuka imoto iVW Polo yabaleka lamadoda okuthe uma ebona le ntombazane imile emgwaqweni njengoba nabo ngokuzwa kwethu kuthiwa bebebheke ngala kuqhuma khona isibhamu bayimisa imoto bayidubula nayo," kuchaza umthombo.
Uthe uLinamandla naye ubedla izidakamizwa futhi eseze wayeka isikole ngenxa yokuzinikela kulo mkhuba.
"Laba bantu bebezoqeda ngalaba njengoba bonke bedutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu, kubuhlungu kakhulu okwenzeke kule ngane ngoba ukube yaqhubeka nesikole ngabe iyaphila. Okubuhlungu ukuthi lo mfana uMasokisi akuyena ngisho owalana endaweni ubefika nje ngoba edayisa kodwa wahlangana nebhadi, lona omunye usesimweni esibucayi esibhedlela," kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uziqinisekisile lezi zigameko zombili wathi asikaziwa isizathu esiholele ekutheni kudutshulwe laba, kodwa baphenya amacala amane okubulala.
Related Topics: