Izindaba

Inkantolo ivimbe ukuqokwa kwemenenja esolwa ngokuqamba amanga

Sabelo Nsele|Published

Endumeni Local Municipality

Image: Facebook/Endumeni Local Municipality

INKANTOLO ivimbe ukuqokwa kwemenenja entsha kaMasipala waseNdumeni esolwa ngokuqamba amanga esicelweni sayo somsebenzi. 

INkantolo eNkulu eMgungundlovu ikhiphe isivimbelo esinqanda ukuqokwa kukaMnuz Nhlakanipho Mvelase, njengemenenja entsha yomkhandlu.

UMvelase waphuma phambili ngesikhathi kunohlelo lokuthungatha imenenja entsha yomkhandlu kepha amaqembu aphikisayo, i-ABC ne-ANC akhala ngokuthi uMvelase waqamba amanga esicelweni sakhe somsebenzi.

La maqembu abefake isicelo esiphuthumayo esilalelwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

Inkantolo inqume ukuthi kumiswe ukuqokwa kukaMvelase kuze kuphenywe izinsolo zokungalandelwa kwemigomo ngesikhathi eqokwa.

Ikhansela le-ABC, uMnuz Mbulelo Phakathi,  lithe uMvelase waqamba amanga ngesipiliyoni anaso ngesikhathi efaka isicelo. 

Encwadini yasenkantolo efungelwe, uPhakathi uthe uMvelase akanaso isipiliyoni seminyaka emihlanu ephethe isikhundla esiphezulu emkhandlwini.

Lona omunye wemibandela owawubekelwe ozongena kulesi sikhundla.

UPhakathi uthe uMvelase waqamba amanga esicelweni sakhe somsebenzi wathi waqokelwa esikhundleni sokuba yiChief Financial Officer kuMasipala waseMsinga, ngoJuni ngo-2021.

"Ulwazi esinalo lukhombisa ukuthi waqokelwa kulesi sikhundla ngo-Okthoba 2022."

UPhakathi uthe uMvelase wasebenzisa ifomu okungeyona ngesikhathi efaka isicelo somsebenzi. 

"Kunefomu okufanele iigcwaliswe abantu abasuke befaka izicelo zomsebenzi wezikhundla eziphezulu emkhandlwini. Esicelweni somsebenzi kuyavela ukuthi uMvelase wasebenzisa ifomu okungeyona. Kwakufanele sichithwe lapho isicelo sakhe."

Ikhansela le-ANC, uMnuz Sphamandla Kheswa, lithe kubajabulisile ukuthi inkantolo imise ukuqokwa kukaMvelase.

"Ngiswele wona amaphiko, ngabe ngiyandiza. Kufanele lesi kube yisifundo emaqenjini aphethe omasipala. Ukuthi ninezihlalo eziningi emkhandlwini akusho ukuthi sekufanele nenze noma yini eniyithandayo."

Usihlalo wekhokhasi ye-IFP emkhandlwini, uMnuz Xolani Msezane, uthe nakuba besihlonipha isinqumo senkantolo kodwa basamile ekutheni kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kuqokwa uMvelase.

"Asimqashanga ehlathini. Kwavulwa uhlelo lokufakwa kwezicelo, kwahlungwa abazobizelwa kwinhlolokhono, kwase kuba nenhlolokhono. UMvelase uyena owathola amaphuzu amaningi."

UMsezane usole amakhansela e-ANC ne-ABC ngokudlala ipolitiki.

"Amakhansela e-ANC nawe-ABC ayekhona emhlanganweni okwathathwa kuwo isinqumo sokuqoka uMvelase njengemenenja yomkhandlu. Kuyaxaka ukuthi sekuyibona futhi abafaka umkhandlu enkantolo. Bafuna ukubukwa nje."

Imizamo yokuthola ukuphawula kweMeya, uMnuz Mcebo Mkhize, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwayo belukhala lungabanjwa.