UKhomishana wamaPhyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ethula ubufakazi
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uhlabe wahlikiza isinqumo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, sokukhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki eKZN.
UMkhwanazi uthe uMchunu akanawo amandla okuhlakaza ithimba. Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga.
UMkhwanazi uthe umuntu onamandla okuhlakaza ithimba uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola.
"Ungqongqoshe akanawo amandla okuhlakaza ithimba lamaphoyisa. Ungqongqoshe akangeni ezintweni ezithinta ukusebenza kwamaphoyisa. Yena okwakhe ukubhekana nezinto ezithinta imigomo. UMasemola uyena owasayina ukuba kuqale ukusebenza kwethimba. Ungqongqoshe akakwazi ukuthatha isinqumo eyedwa ukuba kuhlakazwe ithimba. Ngesikhathi ithimba lisungulwa, kwakuhlangene ongqongqoshe beminyango ehlukene. Kwakufanele kuhlangane ongqongqoshe abathintekayo bese besitshela ukuthi akuhlakazwe ithimba."
NHLANHLA MKHWANAZI
Image: Oupa Mokoena
UMkhwanazi uthe kwammangaza ukubona incwadi kaMchunu eyalela ukuthi kuhlakazwe ithimba ngenxa yokuthi ithimba lalenza umsebenzi oncomekayo.
"Kwakude kwabiwe imali yokuthi ithimba lisebenze kuze kube ukuphela konyakamali. Kuyamangaza ke ukuthi umyalelo wokuba ithimba lihlakazwe waqhamuka ngoJanuwari, maphakathi nonyakamali. Okumangazayo ukuthi ithimba lenza umsebenzi oncomekayo. Ikomiti lase licelwa nokuthi liyokwelekelela kwezinye izifundazwe ezinjengo-Eastern Cape ngenxa yomsebenzi omuhle elaliwenza."
UMkhwanazi uthe kwamphula umoya ukubona umyalelo othi akuhlazwe ithimba. Uthe wazama ukuxoxa noMchunu ngalolu daba kodwa wangaphumelela.
"Ngamthumela umyalezo ngoWhatsApp, wathi uzongitshela ukuthi sizobonana nini. Kuze kube namhlanje ngisalindile."
UMkhwanazi uthe waze wacela uMasemola ukuba ahlele umhlangano noMengameli Cyril Ramaphosa, lapho okwakuzokhulunywa khona ngomyalelo wokuhlakazwa kwethimba.
"URamaphosa uyena owakhipha umyalelo wokuba kusungulwe ithimba. Ngangifuna ukuba sizwe umbono wakhe ngalolu daba."
UMkhwanazi uthe usamile ekutheni uMchunu wakhipha umyalelo wokuba ithimba lihlakazwe ngenxa yokuthi lafike labopha izigebengu ezisondelene naye ngesikhathi licelwe ukuba liyolekelela eGauteng. Emva kwalokho, kwashushumbiswa amadokodo angu-121, ayiswa ekomkhulu lamaphoyisa ePitoli.
UMkhwanazi uthe banabo ubufakazi bokuthi uMchunu usondelene nezigebengu.
"Obunye balobu fakazi angeke ngikwazi ukubuveza lapha ngoba kunophenyo oluqhubekayo. Mhlawumbe lobo bufakazi singabuveza esithe."
UMkhwanazi uthe ukujutshwa kwamalungu ethimba eGauteng kwafike kwaholela ekuhlakazekeni kwesidleke sezigebengu.
UMkhwanazi uthe amalungu ethimba aholela ekuboshweni kukaMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, noMnuz Katiso "KT" Molefe, athe bathinteka emacaleni abucayi.
"Ngiyaziqhenya ngokuthi ngathumela amalungu ethimba ukuba ayolekelela eGauteng. Ukuthumela amalungu ethimba kwaholela ekuboshweni kukaMolefe noMatlala. Njengamanje uMolefe noMatlala babhadle ejele futhi bazothola izigwebo eziqinile uma begcina belahlwa amacala ababhekene nawo."
UMkhwanazi uthe kuzokuba kwampunz'edla emini kuleli lizwe uma zingasukunyelwa izinsolo azenzile.
"Sekunesikhathi eside kunemizamo yokuphazamisa ukusebenza kwezinhlaka zokuphepha nezobulungiswa. Uma kuqhubeka kanje zizogcina zingasasebenzi ezokuphepha nezobulungiswa. Izigebengu zizochanasa."
UMkhwanazi uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.
Related Topics: