Izindaba

UMjolisi uzobungazwa edilini lomculo ngakubo

Charles Khuzwayo|Published

UMJOLISI ohlonishwe ngehora elikhethekile kuGu Maskandi Festival eGamalakhe

Image: FACEBOOK

WONKE amehlo athe njo kumculi waseMzumbe, uMalibongwe "Mjolisi" Gwala njengoba kunguye ohlonishwe ngehora elikhethekile kwi-5th Ugu Maskandi Festival, e-Ugu Sport and Leisure, eGamalakhe, ngoSepthemba 27 kusukela ngo-1 emini. UMjolisi ukuthakasele kakhulu ukubungazwa ngakubo futhi phambi kwezinkumbi zabantu.

Abagqugquzeli balo mcimbi bathe uMjolisi ugixabezwe nge-golden hour ephakathi kwamabili ngenxa yokuthi waqala ukuzakhela udumo kule ndumezulu yomcimbi eminyakeni eyedlule. Ngakho bagubha naye ukuqeda iminyaka emihlanu. 

"Nanokuthi uMjolisi ungomunye wabaculi abavelele bakamaskandi basendaweni engaphansi kwasoGwini," kusho isitatimende esithunyelelwe abezindaba.

Lo mculi, oqale ukuduma nge-albhamu esihloko sithi Ubaba ka-Enzo, uzobe eshiyelana inkundla  nezinye izihlabani zabaculi ezinjengoJabulani ‘’Sjava’’ Hadebe, Naledi Aphiwe, Inkosi Yamagcokama, Mroza, Mthandeni SK, Ithwasa Lekhansela, Olified Khetha, uMafikizolo, Phuzekhemisi, Khuzani, Gatsheni Skweletu, Bahubhe, MatollGate, Limit, Menzi Mbuzeni, Mayoghurt, Shenge WaseHlalankosi, Maquantum, Magazi, Shushu Baby, Ichwane Lebhaca, Shuni Wasemzini nabanye.

Lo mcimbi awuconsi phansi emphakathini ngenxa yegalelo elikhulu ekuthuthukiseni umkhakha wezobuciko, ezokuvakasha, ezomnotho nokudala amathuba emisebenzi esifundeni sasoGwini.

"Yingakho omasipala nohulumeni bewuxhasa lo mcimbi. Siyabonga ngokuzithoba kubona bonke abaxhasi bawo kanye nabasebenzi boGu Maskandi. Sibonga ngokukhethekile uMasipala waseMzumbe nowaseRay Nkonyeni abaqala ukuwuxhasa lo mcimbi usaqala," kuphetha isitatimende sabagqugquzeli.

Amathikithi okuthamela lo mcimbi atholakala eWebTicket, ePick n Pay ngemali ehlukahlukene, okungu-R130 (General), R900 (VIP), R1 000 (VIP esangweni).