NHLANHLA Mkhwanazi
Image: Oupa Mokoena/ Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uveze ukuthi kukhona imali ebitholwa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, kusomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
UMkhwanazi uthe imali esuka kuMatlala iye kuMchunu ibihanjiswa usomabhizinisi waseNorth West, uMnuz Suleman Karim.
Ukusho lokhu ngesikhathi eqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kwekhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, izolo.
UMatlala wathola ithenda ka-R360 million emaphoyiseni, le thenda yabuye yahoxiswa. Njengamanje uMatlala ubhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo nelokuzama ukubulala isancinza sakhe.
UMkhwanazi uthe banobufakazi obukhombisa ukuthi kukhona imali ebitholwa uMchunu kuMatlala.
"Kunophenyo esiluqhubayo ngalolu daba, yingakho ngingeke ngenabe kakhulu."
UMkhwanazi utshele ikhomishini ukuthi uMatlala wazama ukunxenxa uMchunu ukuba avimbe ukuhoxiswa kwethenda yakhe emaphoyiseni.
"UMatlala wakhuluma noKarim ukuba ayomncengela kungqongqoshe ukuba ingahoxiswa ithenda. Wathuma uKarim ngoba azi ukuthi uyaxhumana nongqongqoshe. UKarim wavuma ukuthi uzokhuluma nongqongqoshe ngalolu daba."
UMkhwanazi uthe uMatlala ungene wathi shi ezindabeni zamaphoyisa, wathi wayazi cishe yonke into eyenzeka emaphoyiseni.
UMkhwanazi uthe uMatlala washo iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, lingakaqokelwa esikhundleni ukuthi kuzoqashwa lona.
"URafadi wathumelela uMatlala isikhangiso somsebenzi. UMatlala waphendula ngokuthi isikhundla sizotholwa uSibiya. Wakhuluma kanje kusakhishwe isikhangiso kuphela. Kuyakhathaza ukuthi umuntu osolwa emacaleni abe nolwazi olunje."
UMkhwanazi uthe uMatlala wayazi ukusuka nokuhlala kwemizamo yokubopha uKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola.
"Lokhu kukhombisa ukuthi kwakukhona ukugxambukela kosomabhizinisi ekusebenzeni kwamaphoyisa njengoba abantu abangaphandle babenolwazi ngophenyo lwethimba Idac (Investigating Directorate Against Corruption)."
UMkhwanazi uthe uMatlala wayekhombisa ukuyijabulela imibiko eyayithi uMasemola uzoboshwa maduze.
UMkhwanazi uthe uMatlala waphendula ngokuthi isikhundla sikakhomishana wamaphoyisa sesizothathwa umuntu wakhe ngesikhathi ethunyelelwa umbiko owawuthi uMasemola uzoboshwa.
UMkhwanazi uthe uMatlala ubephila kamnandi.
Uthe isikhulu soMasipala waseKurhuleni, uBrigadier Julius Mkhwanazi, sabhalisa izimoto zikaMatlala ngaphansi komkhandlu, sazifaka ama-blue lights.
"Izimoto zamaphoyisa nezamaphoyisa emikhandlu ezivumeleke ukuba zifakwe ama-blue lights, kepha ezikaMatlala zazinawo. Nasejele lo muntu watholakala neselula."
Ebufakazini bukaMkhwanazi, kuvele amagama amalungu ePhalamende amabili awasole ngokusebenzisa budedengu ulwazi lwezinhloli. UMkhwanazi usole ilungu le-DA, uNkk Dianne Kohler-Barnard, nelungu leNCC, uMnuz Fadiel Adams, ngokukhipha ulwazi lwezinhloli olubucayi.
UMkhwanazi uthe lolu lwazi lwaluputshuzwe ngabantu ababefuna kuhlakazwe ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UMkhwanazi uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.
Related Topics: