Izindaba

Isexwayiso esishubile kwabazozama ukuphazamisa ikhomishini

Sabelo Nsele|Published

AMALUNGU eMK abe nombhikisho ngaphandle kwalapho kubanjelwe khona ikhomishini

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

BENGAZITHOLA bebhadla ejele abazozama ukuphazamisa ikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Ohola ubufakazi kule khomishini, u-Advocate Terry Motau, uthe abazozama ukuphazamisa ikhomishini bengazithola beboshwa noma behlawuliswa kanzima. 

Ukusho lokhu ngesikhathi kuqala ukulalelwa kobufakazi izolo. 

UMotau uthe isigwebo sokuphazamisa ukusebenza kwekhomishini izinyanga eziyisithupha ubhadla ejele noma kube inhlawulo.

"Isigaba sesihlanu semithetho elawula amakhomishini sikubeka kucace ukuthi kuyicala elibomvu ukuphazamisa ukusebenza kwekhomishini. Umthetho ukubeka kucace ukuthi noma ubani ophazamisa ukusebenza kwekhomishini wenza icala. Ngithi angiligcizelele leli phuzu ngoba kubalulekile ukuba kungabi khona abantu abaphazamisa ukusebenza kwekhomishini. Uphenyo lwekhomishini kufanele luqhubeke ngaphandle kokuphazanyiswa."

Ngaphandle kwalapho kuqhubeka khona ikhomishini, amalungu eMK abebhikisha. Amalungu eMK ayaphikisana nekhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga.

Namhlanje kuzolalelwa isicelo seMK eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho ifuna ukuthi kuchithwe ikhomishini. 

Okhulumela iMK eGauteng, uMnuz Abel Tau, uthe bekungafanele ikhomishini iqale ukulalela ofakazi ekubeni singakaphumi isinqumo esicelweni sabo esiphonsela inselelo ukusungulwa kwekhomishini. 

"UMadlanga nabo bonke abayingxenye yekhomishini bebazi ukuthi kunecala esilifakile elizolalelwa kusasa (namhlanje). Bakhethe ukuqhubeka nekhomishini yize bazi ukuthi asihambisani nayo. Kusobala ukuthi badlala ipolitiki."

Ikhomishini iqale ukulalela ofakazi izolo.

UMkhwanazi uyena oqale ukwethula ubufakazi lapho echaze kabanzi ngezinsolo zakhe zokuthi kunezigebengu ezisondelene nosopolitiki eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

UMkhwanazi uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.