Izindaba

Ayaveva amatshitshi athi aphoxwa umphathiswa eMhlangeni

Sabelo Nsele|Published

INDUNA yezintombi, uNksz Mningi Andile Zuma, nezinye izintombi ezaphoxeka ngesikhathi kuhoxiswa uhlelo lokugqugquzela imfundo eMkhosini woMhlanga

Image: Sithunyelwe

ATHUKUTHELE ayaqhuma amatshitshi ayizifundiswa asola uMphathiswa wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokuvimba uhlelo lawo lokugqugquzela imfundo eMkhosini woMhlanga. 

Izintombi ezifunde zagogoda zithi ziyomkhohlwa zifile uKhawula ezithi waziphoxa kabuhlungu ngesikhathi ezivimba ukuba ziyokuma phambili, zigqugquzele imfundo kwezinye izintombi ngesikhathi kuqhubeka umkhosi esigodlweni eMashobeni.

Izintombi ezinamajazi kwakuhlelwe ukuba zibe nohlelo lokugqugquzela imfundo ngeSonto ekuseni. 

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, wayelumemezele lolu hlelo ukuthi luzokuba khona ngesikhathi ekhuluma kuwo uMkhosi woMhlanga, ngoMgqibelo. 

Izintombi ezikhulume neSolezwe, zithe zaphoxeka zaswela indawo yokucasha ngesikhathi uKhawula esezixosha namajazi azo phambi kwabantu. 

Induna yezintombi, uNksz Mningi Andile Zuma, ithe uKhawula wabaxosha kabuhlungu. 

"Wasitshela ukuthi umhlanga awuwona umkhosi wezifundiswa, wathi umkhosi wezintombi. Wakusho lokhu ekhuluma ngombhobho, kuzwa wonke umuntu."

UNksz Zuma uthe babenikeziwe imvume yokwenza uhlelo, wathi zingaphezu kuka-30 izintombi ezajika namajazi.

"Okubuhlungu ukuthi la majazi sasiwatshelekile. Indlela esaphoxeka ngayo mina nje ngakhala usuku lonke. Angikwazanga ukuba ingxenye yomkhosi, ngahlala emotweni usuku lonke."

Umdidiyeli wamatshitshi eMajuba Tvet College, uNksz Thandayiphi Mehlokayise Khulu, usole uKhawula ngokuthatha ngesinxele.

"Ngibona sengathi yonke le nto yathatheka ngesinxele. Kukhona ababuka sengathi kuzochonyelwa labo abangenazo iziqu. Iqiniso ukuthi kwakuzogqugquzelwa amatshitshi ukuba afunde. Sinenkolelo yokuthi ukuphumelela koyedwa kusho ukuphumelela kwethu sonke. Mina nje angikaqedi ukufunda kodwa ngangibize izintombi ezinhlanu esezifunde zagogoda ukuba zizokhuthaza abanye."

UNksz Zinhle Kubheka uthe wavele wawushiya phansi umkhosi ngenxa yokuphoxeka

UNksz Kubheka uthe kwakuzokuba ngcono ukuba uKhawula wababizela eceleni, ukunokuthi abaphoxe phambi kwabantu.

"Sazizwa sidelekile kakhulu, saphatheka kabuhlungu. Kube buhlungu ukuhlela into bese idicilelwa phansi. Okwasiphatha kabi ukuthi balubhidliza phambi kwabantu uhlelo lwethu. Ukube basibizela eceleni besitshele ukuze singaphoxeki."

UNksz Thato Zondi uthe ukuhoxiswa kohlelo kwenza kubukeke sengathi eMkhosini woMhlanga kusuke kuyokhulunywa indaba yomendo kuphela.

"NgeSonto, kwagcina nje sekugqama indaba yezintombi ezazivalelisa, eseziyogana. Into enhle leyo uma sibona ezinye izintombi eseziyogana. Kodwa iqiniso ukuthi akusithina sonke esizokuba nenhlanhla yomendo. Ingakho sifuna kube nezinye izinhlelo zokuthuthukisa izintombi. INdlunkulu inobuhlobo nabantu basemazweni aphesheya.

"Singasebenzisa lobo buhlobo ukuthuthukisa izintombi. Mhlawumbe kungagcina kunezintombi eziya kofunda noma ziyosebenza phesheya. EMkhosini woMhlanga singaqhamuka nohlelo lokwelekelela izintombi ukuba zifake izicelo zokufunda. Akufanele emhlangeni kugcine kukhulunywa ngokugana kuphela."

UNksz Zondi uthe wayesuke nejazi lakhe eGoli, wafike waphoxeka uma sekubhuntsha uhlelo.

"Ngagibela ibhanoyi, ngashayela ibanga elide nejazi lami. Akukhona ukuthi ngangifuna ukuyobukwa kodwa inhloso ukugqugquzela abanye. Njengoba nje babemiswe phambili laba ababevalelisa, ngagqugquzeleka. Nathi ukuma kwethu phambili namajazi kwakuzogqugquzela abanye."

Okhulumela uKhawula, uMnuz Ntando Mnyandu, ucele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kuMntwana uThulani.

UMntwana uThulani uvumile impela ukuthi wamemezela ukuthi kuzokuba nalolu hlelo kepha wagcizelela ukuthi naye wayedlulisa umyalezo ayewunikiwe.

UMntwana uThulani uthe uhlelo lokugqugquzela imfundo lwaqhamuka ngemizuzu yokugcina.

"UMkhosi woMhlanga uhlelelwa kusenesikhathi. Baphuza ukuyisho into yabo. Baqhamuka sebeyifaka ngewindi. Lona akulona uhlelo olubi, ukuthi nje baphazama ngokungalwethuli kusenesikhathi."