Izindaba

Liyasuka liyahlala kwikhomishini ephenya izinsolo zikaMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

NHLANHLA MKHWANAZI

Image: Thobile Mathonsi / Independent Newspapers

IZOQALA namhlanje ikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, yize iMK ifake icala lokuba kuvinjwe le khomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga.

Kuhlelwe ukuthi uMkhwanazi kube uyena ozokwethula ubufakazi namhlanje uma sekuqala ikhomishini.

Kusasa kuzolalelwa isicelo seMK eNkantolo eNkulu, ePitoli, lapho iphonsela khona inselelo ukuqokwa kwekhomishini.

Esitatimendeni, iMK ibicele ukuba ikhomishini ingaqali kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo esicelweni sayo. Kepha ikhomishini iqhubekile namalungiselelo ayo izolo.

Kubonakale amaphoyisa eqaphe isimo lapho kuzokube kuhlezi khona ikhomishini, eBridgette Mabandla Justice College, ePitoli.

Okhulumela ikhomishini, uMnuz Jeremy Michaels, uthe akusekho ukujikela emva kwendlu.

Esitatimendeni, uMichaels uthe bakulungele ukulalela ubufakazi bukaMkhwanazi.

Ikhomishini yasungulwa uMengameli Cyril Ramaphosa, emva kokuba uMkhwanazi enze izinsolo zokuthi kunezigebengu ezisondelene nosopolitiki eziphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Imibono yehlukene ebantwini bakuleli ngokusungulwa kwekhomishini njengoba kukhona abakhala ngokuthi amakhomishini amosha imali ngenxa yokuthi abekho abantu abathathelwa izinyathelo.

UMichaels uthe ungabazane olukhona ngamakhomishini angeke lubaqede amandla.

"Siyazi ukuthi yini eyenza ukuthi kube khona ungabazane. Imibiko esizoyithumela umengameli izokube inezincomo. Sifuna ukuthi abantu bazethembe izinhlaka zezokuphepha."

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe abasiboni isidingo seKhomishini kaMadlanga.

"Iqiniso ukuthi asikabazi bonke abantu ababandakanyeka ezinsolweni zikaMkhwanazi. UMkhwanazi wenza izinsolo zokuthi namajaji ayabandakanyeka nawo ekuphazanyisweni kokusebenza kwengalo yomthetho. Mhlawumbe laba bantu abahola ikhomishini ibona kanye abathinteka ezinsolweni zikaMkhwanazi."

UNdhlela uthe ikhomishini bekufanele imiswe kuze kube kulalelwa icala labo kusasa.

"Into nje eyenza ukuthi baphikelele nekhomishini ukuthi badelela izinqumo ezithathwe iMK. Abafuni ukuhlonipha izinqumo zomthetho ezithathwe iMK."

Nokho iRise Mzansi yona ithe akufanele iphazamiseke iKhomishini kaMadlanga.

Ilungu leRise Mzansi, uMnuz Makashule Gana, lithe labo abafuna ukuvimba ukuqala kwekhomishini basho ukuthi bafuna ziqhubeke izinkinga ezibikwa ezinhlakeni zezokuphepha.

"Sekunesikhathi eside kushiwo ukuthi kunezinkinga ezinhlakeni zezokuphepha. Manje sekuyisikhathi sokuba kuphenywe, kuphinde kulungiswe izinkinga. Akufanele siqhubeke nokuchitha isikhathi."

Esicelweni sayo iMK iphinde iphonsele inselelo nokuqokwa kukaNgqongqoshe wezamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia.

I-MK yakhala ngaphansi esicelweni esifanayo eyayisifake eNkantolo yezoMthethosisekelo.