INKOSI uSimphiwe Erick Zuma noMnuz Thembelani Mbatha ababoshelwe icala lokubulala
Image: Sabelo Nsele
UMBUSO ugabe ngobufakazi obuqoshiwe othi kubo kuzwakala iNkosi uSimphiwe Erick Zuma yethulela isigqoko inkabi eyahlela isejele itulo lokubulala ikhansela.
UMbuso uthe uma sekuqulwa icala lokubulawa kowayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, uzodlala le nkulumo eqoshiwe okuthiwa yayiphakathi kukaZuma nenduna esiphenduke ufakazi wenkantolo, uMnuz Zwelithini Buthelezi.
Kule nkulumo kuthiwa uZuma noButhelezi babencoma oboshelwe icala lokubulawa kukaNdlovu, uMnuz Thabo Chonco, ngokuba inkabi eseqophelweni eliphezulu.
Umshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Lawrence Gcaba, uthe uButhelezi uzokuqinisekisa ukuthi nguyena noZuma abakhuluma kule ngxoxo eqoshiwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi kwenziwa izethulo zokugcina esicelweni sikaZuma sokudedelwa ngebheyili. Isicelo besilalelwe eNkantolo yeMantshi eHowick, izolo.
UZuma uyakuphika ukuthi nguyena okhuluma kule ngxoxo uMbuso ogabe ngayo.
Kodwa uGcaba uthe banelisekile ukuthi nguZuma nezinqotho okhulumayo.
"Inkulumo izodlalelwa inkantolo uma sekuqulwa icala. UButhelezi uzozisholo yena ukuthi nguyena okhulumayo nokuthi wayekhuluma nobani."
UGcaba uthe kuyamtatazelisa uZuma ukuthi uButhelezi usephenduke ufakazi woMbuso, wathi bathole umyalezo lapho khona uZuma eshwabulela uButhelezi eze ambize ngenja.
"Lo mqhafazo uZuma ubiza uButhelezi ngenja, athi usetshele amaphoyisa yonke into."
Ummeli kaZuma, u-Advocate Sthembiso "Sticks" Mdladla, uthe uMbuso awunabo ubufakazi obanele obuyamanisa uZuma necala.
"UMbuso uthembele ebufakazini bomuntu oyedwa osephenduke ufakazi wenkantolo. Kufanele singakukhohlwa ukuthi lo muntu uMbuso othembele kuyena waqale wenza isitatimende lapho khona ayevuma icala. Inkantolo kufanele ibufakele izibuko ubufakazi balo muntu. Lo fakazi angasho noma yini ukuze yena engagwetshwa."
UMdladla uthe asikho isizathu esasingenza uZuma ukuba afune ukubulala uNdlovu.
UMdladla uthe uZuma wayengahlangene nombango womhlaba owawuthinta uMasipala waseMngeni.
UMasipala waseMngeni wawufake icala lapho wawufuna isivimbelo esasizonqanda ukudayiswa komhlaba owawubangwa.
"Umuntu okunguye owayehamba phambili kule nto uyena uButhelezi. Imali yokubekwa kwabantu yayingafakwa kwi-akhawunti kaZuma."
UMdladla uthe uZuma ngeke alibalekele icala uma ededelwa ngebheyili, wathi uZuma ngeke ashiye imizi yakhe emine yentengo ka-R6 million uma ihlanganisiwe, izimoto zentengo ka-R2 million, umhlambi wezinkomo nesikhundla sobukhosi.
Kepha uGcaba uthe maningi amathuba okuthi uZuma uzolibalekela icala njengoba ebhekene namacala amathathu okubulala.
Uma engamlahla la macala engathola odilikajele abathathu."
UGcaba uthe umthetho uyabavumela ukuba basebenzise ubufakazi bomuntu ongufakazi wenkantolo.
Isinqumo esicelweni sikaZuma sizophuma ngoSeptemba 30.
Abanye abasolwa kuleli cala uMnuz Thobani Hlongwa noKhayelihle Shabalala, abanqatshelwa ibheyili.
UChonco yena akazange asifake isicelo sebheyili njengoba evele ehamba elinye icala lokusoconga umndeni waseBulwer, eliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Related Topics: