Izindaba

Umndeni awumsoli umshayeli wetekisi ebhubhise abafundi

Sabelo Nsele|Published

UMTHOKOZISI Khambule oshone engozini yemoto

Image: Sithunyelwe

UMNDENI womfundi obhubhe nabanye abathathu engozini eyenzeke e-Unit 18, eMbali, uthi awumgxeki umshayeli wetekisi elidale ingozi.

Umndeni kaLuthando Zaca (16) uthe akufanele asolwe umshayeli ohluleke ukulawula itekisi ngoba akazange ayidale ngamabomu ingozi.

Umkhulu kaLuthando, uMnuz Sydney Zaca, uthe kusobala ukuthi kwaba yiphutha ukuba imoto igcina idala ingozi.

"Ingozi ingozi bakwethu. Akekho umuntu ongadala ingozi ngamabomu."

ULuthando ubefunda uGrade 11 eZibekezulu Secondary.

Uphangalale ngesikhathi itekisi ayeyigibele iphaphalaza iyokhalakathela enkulisa, emva kokuthi umshayeli ehluleke ukuyilawula endaweni eyehlelayo, yafike yashayisa endaweni eyijika.

UZaca uthe uLuthando bekuyingane elungile.

"Besingakaphungi lutho lapha ngokufihlwa kukaLuthando. Ubeneminyaka engu-16 kodwa nje ubephila impilo yengane eneminyaka eyishumi. Kuhle ke lokho ukuthi ingane ihambe isemsulwa kunokuba ingane ihambe isiphuma eceleni njengoba sekwaba khona nowunga."

Umndeni womunye umfundi owaphangalala kule ngozi, uZanokuhle Motha (10), uthe kusenzima ukwamukela ukudlula emhlabeni kothandiweyo wawo.

UZanokuhle ubefunda uGrade 5 ePhambili Private. Unina kaZanokuhle, uNksz Nontokozo Mkhize, uthe namanje akakholwa ukuthi ngeke esayibona ingane yakhe.

"Angikakholwa namanje, ungathi ngiyaphupha."

UNksz Mkhize uthe uZanokuhle ubeyingane elungile futhi ebinamaphupho amakhulu.

"Akukho ke okunqondile abekusho ukuthi ufisa ukukwenza uma esemdala kodwa kuningi nje abekusho obekukhombisa ukuthi ufisa ukukhula abe yinto enkulu."

Abanye abafundi ababhubhe kule ngozi uMthobisi Khambule (16) noNksz Omphile Mbhense (16).

UMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, uqinisekise ukuthi bane abafundi abashonile.

Umnyango wawukade umemezele ukuthi bahlanu abafundi abashonile.

"Umfundi wesihlanu usesimweni esibucayi esibhedlela."

UDuma uveze ukuthi umshayeli wetekisi uboshiwe, wathi umnyango umatasa nophenyo lokuba ngabe imoto ibikulungele yini ukuba semgwaqweni?

"Sizolinda uphenyo ukuba kube ilona olusitshelayo ukuthi ngabe imoto ibikulungele yini ukuba semgwaqweni."

UDuma unxuse uMasipala waseMsunduzi ukuba ubheke izimoto ezithutha abafundi ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqweni.

"Umsebenzi womasipala basekhaya ukuba bahlole zonke izimoto ezihamba emigwaqweni yomasipala ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqweni. Ingakho sinxusa uMasipala waseMsunduzi ukuba wenze isiqiniseko sokuthi zonke izimoto ezihamba emgwaqweni zisesimweni esikulungele ukuba semgwaqweni."

NgoLwesihlanu, kwaphinde kwashayisa enye imoto ethutha abafundi kude buduze nalapho okwenzeka khona ingozi yangoLwesine.

I-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal inxuse abashayeli ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo.

Okhulumela i-IFP kwezokuThutha, uMnuz Blessed Gwala, uthe yayingagwemeka ingozi yangoLwesine.

"Le nto eyenzeke lapha isivezela ubungozi bokunganakekelwa kwezimoto. Lena akusiyona ingozi kodwa nje isibhicongo esasingagwemeka."

UGwala unxuse amaphoyisa omgwaqo ukuba aqinise umthetho.