Izindaba

Azimthusi izinsongo zeSilo ungoti obizwe ngomquba

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu kaZwelithini

Image: KZN DSAC/ Sphamandla Mbhele

AKAZIGQIZI qakala izinsongo zeSilo uMisuzulu kaZwelithini ungoti wezamasiko obizwe ngomquba, uSolwazi Musa Xulu.

UXulu uthe usazoqhubeka nokuhlaziya izindaba ezithinta ubukhosi namasiko, wathi akukhona okokuqala esongelwa.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe emva kokuba iSilo sikhwele sadilika kuyena ngesikhathi sethula inkulumo eMkhosini woMhlanga, ngoMgqibelo.

IMbube ibize uXulu ngomquba ongazi lutho ngamasiko nobukhosi ngesikhathi ikhuluma esigodlweni eMashobeni.

IMbube igxeke umsakazeli womphakathi, iSABC, ngokuqhubeka nokubiza uXulu ukuba ehlaziye izindaba ezithinta ubukhosi.

ISilo sibuze ukuthi kungani iSABC ingabizi ongoti abafana noSolwazi Jabulani Maphalala, Solwazi Sihawu Ngubane noSolwazi Otty Nxumalo?

"Nigijima niyosilandela nomquba lo, uMusa Xulu, ukuthi azokhuluma ngathi. Nisibulalelani siphila? Ngiyanikhuza SABC. UMusa Xulu, ilokhu ngangena esihlalweni umelene nami. Ngithi kulungile uma elwa nami kodwa kunento okufanele niyazi Zulu, uma umuntu ethuka mina usuke ethuka nina qobo lwenu. UMusa Xulu, i-degree enjani ehambe ithuka abantu? Ithuka isizwe?"

USOLWAZI Musa Xulu

Image: SITHUNYELWE

IMbube ize yaphonsela uXulu inselelo yokuba asho uma efuna bahlangane emgangeleni.

UXulu uthe azisemthusi izinsongo njengoba zingezintsha kuyena.

UXulu uveze ukuthi njengamanje unyamanambana emabuthweni kangangoba akasayihambi imikhosi yaseNdlunkulu, wathi waqala ukuthola izinsongo emabuthweni emva kokuhlaziya umsindo owasuswa umbango wombhobho owawuphakathi kowayengundunankulu kaZulu ngaleso sikhathi, uMfu Thulasizwe Buthelezi, nowayengusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ngaleso sikhathi, uMnuz Siboniso Duma.

Uthe ukuhlaziya kwakhe lesi sigameko esenzeka phambi kweSilo noMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi kukhunjulwa iSilo uDinuzulu kaCetshwayo, kwamqhatha namabutho.

Ngokuqonda kweSolezwe, okucasule iMbube inkulumo eyenziwa uXulu kwiSABC lapho khona agxeka isinqumo sokususwa koMkhosi woMhlanga esigodlweni eNyokeni.

Ekhuluma neSABC, uXulu uthe iMbube iphazamile ngokususa umkhosi eNyokeni ikakhulu njengoba uhulumeni ubusanda kuphothula isakhiwo sika-R154 million, wathi iMbube bekufanele ilinde kuze kuphothulwe icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu ngaphambi kokuthi ithuthe uMkhosi woMhlanga.

Ekhuluma neSolezwe, uXulu uthe kumshaqisile ukuzwa iSilo sikhwela sidilika kuyena.

"Kube yishwa ngempela. Ngicabanga ukuthi ubengathatha ucingo angibuze uma kukhona into engiyikhulumile engamuphathanga kahle. Le nto eyenzekile ngiyibona iyisimo sokuhlaseleka. Kodwa ke mina anginanxa naye."

UXulu uthe usazoqhubeka nokuhlaziya izindaba ezithinta ubukhosi.

"Into okufanele ayiqonde ukuthi mina ngingumhlaziyi, angiyena umkhulumeli wakhe. Ngakwezemfundo ngifundile. Ngineziqu zeDoctoral ezintathu engazithola emanyuvesi ahlonishwayo. Ezimbili ezamasiko, ezinye ezenkolo. Njengamanje ngifundela ezinye iziqu ngezobukhosi."