Izindaba

Umphakathi waseMondlo ukhala ngamahora okucishwa kukagesi

Nokubongwa Phenyane|Published

IMEYA yaseBaqulusini, uMnuz Sifiso Mkhwanazi, ihambisana nobuholi obuhlukene bahlangane nomphakathi waseCliffdale, eVryheid, nawo ovuke umbhejazane izolo wateleka ukhala ngokucishwa kukagesi nokuyisiteleka esiqale eMondlo kulona leli dolobha nokulindeleke ukuthi ubuholi besifundazwe buhambele khona buyohlangana nomphakathi

Image: Sithunyelwe

UMPHAKATHI waseMondlo, eVryheid, usuveze ukuthi kungcono ancishiswe amahora angu-8, obekucishwa ngawo ugesi nokuyikho okubaphoqe ukuthi bamise kwasani babhikishele lokhu obekwenziwa uMasipala waseBaqulusini.

Leli lokishi elinezigceme ezine lisale limapeketwane ngoLwesithathu njengoba kushiswe amahhovisi kamasipala, imishini ebilekelela ukumba emathuneni eyanikelwa wumasipala, kwavalwa nemigwaqo okuphoqe ukuthi abantu bangayi emsebenzini nasezikoleni.

Umbhikisho uqale ekuseni kwaze kwahlwa kucaca ukuthi abantu bakule ndawo badiniwe.

Ukucinywa kukagesi okuqale ngoMsombuluko bathi umasipala ubukwenza ngezikhathi ezibalulekile ekuseni nantambama lapho ugesi bewudinga khona kakhulu.

UNkk Bongi Mangena, ilungu lomphakathi, uveze ukuthi yize bebetshelwa ukuthi eMondlo ugesi awuthengwa abaningi bawukokotelile kodwa indlela obuthathwa ngayo ibingaphezu kwamandla.

“Yindawo lena esigcwele kakhulu imizi engomazakhele, ngakho abaningi ugesi sebewukokotelile kodwa lokho akusho ukuthi asiphucwe amahora amade kangaka. Okubi kakhulu wukuthi ubuhamba ekuseni ngalesi sikhathi abantu befuna ukuwusebenzisa uma beya emsebenzini uphinde uhambe futhi ntambama ngesikhathi sebebuya bezopheka. Bekunzima yingakho kuthe kwenzeka lezi zinsuku ezimbili nje kwavele kwahlanganwa kwakhishwa isimemezelo sokuthi akuhambi lutho ngoLwesithathu,” kusho uNkk Mangena.

Uthe isimo sibe sibi ngale ndlela yokuthi amaphoyisa ahlulekile wukunqanda obekwenziwa wumphakathi obufuna ukukhombisa ukuthi udinwe kangakanani.

Elinye ilungu elingathandanga ukuvezwa lithe iMeya kaMasipala waseBaqulusini, uMnuz Sifiso Mkhwanazi, seyake yafika izikhawu eMondlo iyalela umphakathi ukuthi awuzame ukukhokhela ugesi ngoba banesikweletu esikhulu e-Eskom.

“Sesenza kanjena nje kodwa imeya yake yafika yasitshela ukuthi asizame ukukhokhela ugesi bese siyawuthenga siyeke ukuwukokotela.Konke asikunakanga yingakho uma sebecisha ugesi kube nzima sangena emgwaqweni. Esikushoyo wukuthi kunzima amahora abawathathayo made sicela behlise bese kuxoxwa ukuthi singakhokha kanjani,” kusho yena.

UMkhwanazi uthe bathatha isinqumo sokucisha ugesi ngenjongo yokuwonga njengomasipala ngoba befuna ukubheka indaba yemali abayikweleta i-Eskom.

“Sikweleta imali engu-R300 million.Ngenyanga edlule sikhokhe u-R42 million kodwa futhi sabona ukuthi yimali eningi lena kukhona izidingo ezizogcina zingayi emphakathini uma sithatha yonke imali sikhokha ngayo. Siuvumelane ngokuthi ezindaweni ezihlukene ezinale nkinga asiwucishe ugesi ngezikhathi zasekuseni nantambama, nokuyinto esiyibone kwabanye omasipala,” kusho uMkhwanazi.

Uthe ubezohlangana nomphakathi ngeSonto okuwusuku abazobe bekhona ngalo bonke kodwa usezoya namhlanje njengoba kuza uMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.