Izindaba

Umsindo omaskanda bebanga ingoma

Charles Khuzwayo|Published

USWIDI usola uMbeje ngokuthatha ngodli ingoma yakhe

Image: FACEBOOK

UMBEJE uthi uyena owayiqopha kuqala ingoma asebangiswa yona nguSwidi

Image: FACEBOOK

SEKUQUBUKE omunye umsindo phakathi kwabaculi bakamaskandi abayinkukhu nempaka, uXolisani Mbeje noMzomuhle "Swidi Gcabashe" Mnyandu. Kulokhu lezi zinsizwa ziqhathwe yingoma. USwidi ukhiphe kuqala i-albhamu esihloko sithi Hamba Nqola Yami, enengoma esihloko sithi Ngelus' Amabhubesi, ngo-Agasti 29 kulo nyaka. Kuthe ngoLwesihlanu olwedlule waqhamuka uMbeje nomucu osihloko sithi Lathi Ichunu Asohlupha.

Lezi zingoma zifana ngesigqi nangezinye izinhlamvu kodwa esidlalwe kakhulu kwiYouTube ngekaSwidi njengoba seyinama-views angaphezu kuka-350 000 emuva kwamasonto amabili ekubeni ekaMbeje isenawu-165 000 kwiYouTube emuva kwezinsuku eziwu-9. Uma usayikhumbula ingoma kaSwidi ethi Emahostela, ihamba ngaleso sigqi.

 Bekhuluma kwiBhanyazile TV, uSwidi uthe siyamcika ngempela isenzo sikaMbeje futhi uyacela abasondelene naye bamkhuze ngoba umculo uwumsebenzi, akusiniswa amahleza. Eziphendulela uMbeje uthe kungamampunge ukuthi uyena owebe ingoma kaSwidi. Uthe uyena owenza le ngoma kuqala e-studio kwase kuqhamuka umfowabo kaSwidi wayeba wayinikeza uSwidi njengoba sekuthiwa ngeyakhe. Akukhona okokuqala uMbeje ethatha ngehheshe ingoma kaSwidi. Ngomunye unyaka wayicula emcimbini yona le ethi Emahostela.

Omunye umculi osishayile isigqi sengoma ebangwayo nguGqibu, ogadle kubo bobabili uSwidi noMbeje ngengoma ethi Umdolofiya. Yona inama-views angaphezu kuka-6 000 emuva kwezinsuku eziyisithupha iphumile.  

UMbeje uthe uyizwile ingoma kaGqibu kodwa ayifiki kweyakhe futhi iyahlulwa ngekaSwidi.