Izindaba

Abayizwa kahle eyokubuyiselwa kwenkosi eyixhegu elingaphezu kuka-100

Sabelo Nsele|Published

INKOSI Sizabantu Gumede ebuyiselwe esikhundleni

Image: Sithunyelwe

OKHISHWE esihlalweni sobukhosi, uSipho Sunnboy Gumede

Image: Sithunyelwe

AWASIZWA kahle isinqumo sokubuyiselwa esihlalweni kwenkosi eyixhegu elineminyaka engaphezu kuka-100 amanye amalungu obukhosi baKwaMashabane, KwaMhlabuyalingana.

Amanye amalungu omndeni athi siwadidile isinqumo sikahulumeni waKwaZulu-Natal sokubuyisela esikhundleni Inkosi Sizabantu Gumede, eneminyaka engu-105.

UGumede wehla esihlalweni ngo-2015, kuthiwa wazicelela yena ukwehla ekhala ngokuthi usemdala.

Kwabe sekuqokwa indodana yakhe, Inkosi uSipho Sunnboy Gumede, ukuba ithathe isihlalo. 

Ekuqaleni kwalo nyaka uhulumeni waKwaZulu-Natal wathatha isinqumo sokubiyisela uGumede esikhundleni. 

Okhulumela ubukhosi baKwaMashabane, uMnuz Phila Gumede, uthe ngesikhathi uGumede ecela ukwehla esikhundleni kwabizwa zonke izindlu zobukhosi besizwe.

Uthe zonke izindlu, uMbango, Izicethe, Izisongo noMgobeni, zavumelana nesicelo sikaGumede sokwehla esikhundleni.

Uqhube ngokuthi kubamangazile ukuzwa sekuthiwa sekubuyiselwa uGumede esihlalweni.

"Kwafika aboMnyango (wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu) bezosazisa ukuthi kubuyiselwa inkosi endala esikhundleni. Bathi bathole incwadi eqhamuka emndenini. Okusididayo ke ukuthi yimuphi lowo mndeni ngoba abaveli abantu okuthiwa babhala incwadi. Uhulumeni awuzange uxhumane nathi, wafika nje ususitshela ukuthi usubuyisela inkosi endala esihlalweni. Ngesikhathi ungena lo hulumeni ophethe KwaZulu-Natal, awuzange uphenye ngalolu daba. Wavele nje wamukela incwadi."

Umkhulumeli uthe uGumede akakulungele ukuhlala esihlalweni ngenxa yokuba mdala.

"Inkosi yayivele ikhalile kwasekuqaleni ukuthi ayisakwazi ukwenza imisebenzi yesizwe ngenxa yokuba buthaka. Manje sekwedlulele. Nasemqondweni inkosi isiyingane."

Umkhulumeli usole izinduna athe zazihlomula ngesikhathi kusaphethe uGumede ukuthi yizona ezibe nesandla ekutheni abuyiselwe esihlalweni. 

"Iningi labantu abasemkhandlwini yibona ababehlomula kakhulu ngesikhathi kusaphethe inkosi endala. Inkosi yayingasakwazi ukuya emihlanganweni, kwakuhamba bona. Bake baya ngisho phesheya.

"Kuyimanje banqabela amalungu omndeni ukuba aye lapho kukhona inkosi. Baxosha izinduna zomndeni. Ziyisithupha izinduna ababhale izincwadi zokuba zixoshwe."

Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina, uthe nguGumede owacela ukuba kwehliswe indodana yakhe esikhundleni. 

"Inkosi ithe yona yayingaqondile ukuqoka indodana yayo ukuba ibe yinkosi, kodwa yayiqoka ukuba ibe yiso layo. Wayengaqondile ukubeka enye inkosi ekubeni esaphila."

UGina uthe lolu daba kwakhulunywa ngalo emhlanganweni weKhabhinethi yesifundazwe ngoJanuwari, kwabe sekuthathwa isinqumo sokuba kubuyiselwe inkosi endala.

"Lolu wudaba olubucayi kakhulu. Kodwa iKhabhinethi yanquma ukubuyisela inkosi endala esihlalweni."