UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ehlangene namaKhosi ahlukene akwaMchunu KwaZulu-Natal, njengoba ebefuna ukuzwa ukuthi yini eholele emsindweni okhona manje othinta igama lakhe
Image: Sithunyelwe
AMAKHOSI ezindlu ezehlukene zakwaMchunu, KwaZulu-Natal, asephumele obala athi azomxhasa noma kwenzenjani uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.
Akusho lokhu emhlanganweni akade ewubambele eWestville, eThekwini, nala ebebize khona uMchunu efuna awachazele ukuthi umsindo uthinta igama lakhe olokhu ukhona ngowani.
Embuthanweni bekukhona amakhosi aqhamuka ezindlini ezahlukene okukhona kuzo uMsinga, Dundee, Mzimkhulu nakwezinye izindawo.
UMnuz Bhekimpi Mchunu obehola umhlangano, uthe bebesahleli ebumnyameni ngokuqhubekayo kungakho bekhethe usuku lwanamhlanje ukuthi bahlangane bewuzalo bezwe ukuthi yini eholele kulesi simo esikhona manje.
“Kukhona konke okuzokwenzeka siyameseka owakwethu kodwa okusenze sasukuma ukuthi sifuna ukwazi ukuthi owani umsindi okhona othinta yena, bese sithule isikhathi eside silana sifuna ukuzofuna incazelo,” kusho yena.
INkosi uSiyabonga Mchunu ithe ngeke babukele owozalo lwabo enikizwa emphakathini bengazi ukuthi umsuka wakho konke lokhu ukuphi.
“Okwamanje nathi sifuna ukuzwa ngaye ukuthi kwenzakalani ngempela, wanikizwa nje emphakathini yini edale konke lokhu? Sihlanganile naye emhlanganweni wasichazela konke ngakho akukho esingakusho kwabezindaba ngalokhu asitshele khona. Uveze ukuthi akulindwe ikhomishini ngoba iyona eyodalula konke kodwa njengowozalo wethu simi naye kulokhu asesibikele khona. Siyameseka kuyoze kube sekugcineni,” kuchaza yena.
Ungqongqoshe akaphawulanga lutho kwabezindaba njengoba kuvele ukuthi konke useyokuveza kwiKhomishini kaMadlanga okulindeleke ukuthi iqale ngeSonto elizayo, eGauteng.
Kodwa ekupheleni komhlangano ubonge amakhosi ngokumeseka nokuhlangana naye ukuze azowavezela okwenzekayo.
Uveze kancane ukuthi usekulungele ukuya kukhomishana ukuze ayophendula ngezinsolo ezibhekiswe kuye.
Kuyona kuvela ukuthi kuyoqala kufakaze uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMkhwanazi okunguye owaveza izinto eziningi ezingahambi kahle embuthweni wamaphoyisa.
Related Topics: