Izindaba

Uhlelo lukamphathiswa luqhathe amakhosi ase-KZN

Sabelo Nsele|Published

Umphathiswa kaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi

Image: KZN Cogta / Facebook

UHLELO lukaMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, luhlukanise phakathi amakhosi esifundazweni.

Amakhosi asesifundazweni ahlukene phakathi ngohlelo lwawo lokuhlomula olwathulwa uButhelezi ngoJuni.

Ubuholi bendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal bujikijelane ngamazwi nobuholi benhlangano yabaholi bomdabu, iContralesa, kubangwa lolu hlelo lwabaholi bomdabu olufaka phakathi isikhwama sempesheni, medical aid nesikhwama sokonga imali.

Umsindo uqale emva kokuba ubuholi beContralesa KwaZulu-Natal bukhale ngokuthi abaholi bomdabu bafakwa ngenkani kulolu hlelo, nokuthi bayaphoqwa ukuba babe ngamakhasimende ebhange elithile ukuze babe ingxenye yohlelo.

Njengamanje izikhulu zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu zihambela izifunda, lapho zichazela khona abaholi bomdabu ngohlelo olusha.

USihlalo weContralesa KwaZulu-Natal, iNkosi Thulasizwe Ngcobo, uthe umnyango awuzange uxoxe nabo ngaphambi kokuthi wethule lolu hlelo.

"Kuyasishaqisa ukwedelelwa kwabaholi bomdabu esikubonayo. Ukwethulwa kohlelo ngaphandle kokuthi kuxoxwe nabaholi bomdabu kukhombisa indelelo. Inhloso yabo yokuhambela izifunda ukuphoqa amakhosi, izinduna nomabhalane basezinkantolo zamakhosi ukuba bajoyine lolu hlelo olusha. Asihambisani nala maqhinga okuphoqa amakhosi, izinduna nomabhalane basezinkantolo zamakhosi ukuba bajoyine lolu hlelo. Ngeke sisonge izandla kudlalwa ngamalungu enhlangano."

UNgcobo uzwakalise ukungenami ngendlela uButhelezi nohulumeni ophethe isifundazwe abaqhuba ngayo.

USihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Shinga, uchithe okushiwo ubuholi beContralesa.

"Sithanda ukuziqhelelanisa nalokhu abakushoyo. Nakuba bethi bakhulumela abaholi bomdabu, kepha sithanda ukukucacisa ukuthi asihambisani nemibono yabo futhi amakhosi nezinduna eziningi azihambisani nemibono yabo."

UShinga uthe akekho umuntu ophoqiwe ukuba ajoyine uhlelo olusha.

"Izikhulu zomnyango zikugcizelele ukuthi akuyona impoqo ukujoyina uhlelo ngesikhathi ziyochaza ngohlelo ezifundeni iKinga Cetshwayo, oGwini, eThekwini, Amajuba, oThukela naseMzinyathi. Amakhosi nezinduna bayagqugquzelwa ukuthi babheke ubuhle bohlelo."

UShinga uthe abaholi bomdabu abaningi bakhombisa ukuluthakasela uhlelo olusha.

"Lolu hlelo luphendula imithandazo yabaholi bomdabu yokuba nohlelo lwempesheni ne-medical aid. Lolu hlelo lubuyisa isithunzi sabaholi bomdabu."

UShinga uthe bajabule ngobuholi bukaButhelezi athe ufike nezinhlelo eziningi zokweseka abaholi bomdabu.