Izindaba

Ubelandela abangani emotweni abhubhe kuyo omunye wabafundi

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Mthobisi Khambule oshone engozini yemoto

Image: Sithunyelwe

AKUFANELE engabe ubegibela imoto ashonele kuyo omunye wabafundi abahlanu ababhubhe engozini yemoto eyenzeke Unit 18, eMbali, izolo. 

UMthobisi Khambule ubegibela kwenye imoto kodwa yena washintsha wagibela lena ashonele kuyona ngoba nakhu elandela abangani. 

Lokhu kuvezwe umkhulu wakhe, uMnuz Xolani Zakwe, ngesikhathi ekhuluma neSolezwe. 

UMthobisi, obefunda eFundokuhle Secondary, ushone kanye nabanye abafundi abane ngesikhathi imoto abeyigibele iphaphalaza iyoshayisa inkulisa.

Umshayeli kuthiwa wehlulekile ukulawula imoto, yaya kokhalakatheka enkulisa iSenzokuhle.

UZakwe uthe wamangala ngesikhathi ebona umzukulu egibele kule moto ashonele kuyo.

"Imoto lena engangimfake kuyo iyashesha ukuhamba. Ngabona ngelinye ilanga ephuza ukuhamba, ngase ngibuza ukuthi kungani ephuza ukuhamba ngoba imoto ayigibelayo iyashesha ukuhamba? Wangitshela ukuthi usegibela kule moto ngoba abangani bakhe bagibela kuyona."

UZakwe uthe kumshaqisile ukushona kukaMthobisi athe ubesabheke lukhulu kuyena.

"Kubuhlungu ukushona komuntu lapho ubusuboba khona ukuthi ubhekephi njengoba ebesezosiqeda isikole."

Imoto ibilayishe abafundi iningi labo abasuka e-Azalea, abafunda ezikoleni eziseMbali.  

Abafundi abebekuleli tekisi bafunda eSukuma Comprehensive, Zibekezulu Secondary, Fundokuhle Secondary naseHenryville Primary.

Abafundi abane bashonele khona endaweni yesigameko, owesihlanu ushone ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela. Abafundi abahlanu abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela.

Bekuwumunyu wodwa ngesikhathi abazali beqinisekisa izingane zabo ezishone kule ngozi.

Ngokusho kwabazibonele, umshayeli uphume imoto ihamba ngesikhathi ebona ukuthi ayisalawuleki.

Umshayeli kuthiwa ukhale ngokuthi imoto iphelelwe amabhuleki endaweni eyehlelayo.

Imoto ifike yashayisa izinsimbi eziseceleni komgwaqo endaweni eyijika elibi.

Imoto ibe isidlula nazo izinsimbi, yashayisa isihlahla ngaphambi kokuthi ibhodloze inkulisa.