Umkhosi womhlanga
Image: Sigciniwe
INDLUNKULU kaZulu ithi ikulindele ukuthi kungezeka kube nobuhixihixi eMkhosini woMhlanga sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, kusasa.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe kungenzeka kube khona izingqinamba njengoba kuzokuba kuqala ukuthi uMkhosi woMhlanga ubanjelwe esigodlweni eMashobeni.
Eminyakeni ewu-40 eyedlule, uMkhosi woMhlanga ububanjelwa esigodlweni eNyokeni.
"Ziningi izinkulumo ezibe khona ngokususwa komhlanga eNyonkeni. Indlela abantu abakhuluma ngayo ungathi eMashobeni, akukhona esigodlweni. Abantu kufanele bazi ukuthi zonke izigodlo ezeSilo. Kungenzeka kube nezinselelo ngenxa yokuthi kuzokube kuqala ukuba uMkhosi woMhlanga ube seMashobeni. Sizohlala phansi emva komkhosi, sibuke ukuthi ikuphi okungahambanga kahle, bese sibona ukuthi singakulungisa kanjani. Indawo esiqalayo ukuya kuyo, sonke sisayijwayela. Sinethemba lokuthi yonke into ilungisiwe."
Ekhuluma ngamalungiselelo, uMntwana uThulani uthe konke sekumi ngomumo.
"Sijabule kakhulu. Izintombi kuzo zonke izingxenye zeKwaZulu-Natal nasezweni jikelele ziyaviva. Izintombi zivivela uMkhosi woMhlanga. Sikulungele ukwamukela Izintombi. ISilo sizokube sikhona, sizokhuluma nezintombi. ISilo sizoyala Izintombi, sigqugquzele ukuziphatha kahle ezintombini. Imbiza izobe iziwa ngothi, bayaye bathi ke abanye intaka ibekelwe amazolo."
UMntwana unxuse ukubekezelela kubashayeli abazokube belibhekise eMashobeni.
UMntwana uThulani uthe kunamabhuloho amabili aseduze nesigodlo okuwela imoto eyodwa ngesikhathi.
"Uma siyalapha engathi ukuhamba kwethu kungaba nokubekezelelana. Uma uqhamuka ngasoPhongolo kunebhuloho eliwumncingo, okulindwanayo kulo. Sifisa ukuthi kube nokubekezelelana kubashayeli. Noma uqhamuka ngaKwaKhangela nakhona kunebhuloho eliwumcingo okufuneka ukuthi kube nokubekezelelana. Ngiyathemba ukuthi sizobambisana namaphoyisa omgwaqo. Uma kuthiwa mana, kuyobe kusalindwe omunye ukuthi awele. Nawe ungabe usuwenza ngendlela yakho ezokwenza ukuthi kube nenkinga."
Related Topics: