Izindaba

Ikomiti eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi lifaniswe nenja enganamazinyo

Sabelo Nsele|Published

NHLANHLA MKHWANAZI

Image: Thobile Mathonsi / Independent Newspapers

AMANYE amalungu ekomiti elikhethekile lasePhalamende elisungulelwe ukuphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, abona ikomiti seliphenduke inja engenamazinyo kulandela ukubambezeleka kokuqala komsebenzi walo ngenxa yokuthi uMkhwanazi kufanele aqale athule ubufakazi kwikhomishini ephenya izinsolo ezifanayo.

Amanye amalungu ekomiti athe abona ikomiti seliphenduke umasigcozi njengoba kufanele lilinde iKhomishini eholwa iJaji uMbuyiseli Madlanga ukuba ize iqede ukukhuluma noMkhwanazi.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunomhlangano wekomiti izolo.

Amalungu ekomiti avumelana ngokuthi afuna ukuthi kube uMkhwanazi owethula ubufakazi kuqala.

Ikomiti belifuna ukuthi uMkhwanazi avele phambi kwalo ngomhlaka-16 kodwa latshelwa ukuthi uMkhwanazi angaze akwazi ukuvela phambi kwalo emva komhlaka-22 uma eseqede kwikhomishini.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema nelungu le-ActionSA, uNksz Dereleen James, bebewotha ubomvu, befuna ukuthi uMkhwanazi aphoqwe ukuba avele phambi kwekomiti ngomhlaka-16.

UMalema uthe indlela okwenzeka ngayo kubukeka sengathi ikhomishini iyona ebalulekile.

"Sibukelwa phansi thina, into ebalulekile nje ikhomishini. Angazi noma sisekhona yini isidingo sokuthi siqhubeke naleli komiti uma kunje. Sinamandla okumthumela amasamanisi azomphoqa ukuba avele phambi kwekomiti ngosuku osulufunyo. Mina ngithi asimthumele amasamanisi amphoqa ukuba avele phambi kwekomiti ngomhlaka-16."

UNksz James uthe ikomiti alikwazi ukulinda lolu suku uMkhwanazi athe angakwazi ukufika ngalo.

"Sesiphenduke inja engenamazinyo. Ngabe senikhohliwe yini ukuthi sinamandla okuthumelela abantu amasamanisi abaphoqa ukuthi bavele phambi kwekomiti? Kubukeka sengathi simosha isikhathi."

Iningi lamalungu ekomiti asichithile isiphakamiso sokuthi uMkhwanazi athunyelelwe amasamanisi.

USotswebhu oMkhulu ePhalamende oyilungu le-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe asikho isidingo sokuthi uMkhwanazi athunyelwe amasamanisi ngoba akanqabile ukuvela phambi kwekomiti.

"Ikhomishini iyona ekhulume kuqala noMkhwanazi. Akulona iphutha likaMkhwanazi ukuthi ikhomishini iyona ekhulume naye kuqala. Thina sisindwe yizinyawo ngenxa yokuthi kukhona izinto obekufanele sizilungise. Akukhona ukuthi uMkhwanazi usibukela phansi. Asikho isidingo sokuthi athunyelelwe amasamanisi."

Ilungu le-MK, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lithe ikomiti ilona elizifake kule nkinga elibhekene nayo ngokungasheshi ukukhuluma noMkhwanazi.

"Sizenze thina la. UMkhwanazi akanqabile ukuhlangana nathi. Inkinga nje ukuthi kufanele avele phambi kwekhomishini. Umuntu esingamthumelela amasamanisi umuntu onqabayo ukuvela phambi kwekomiti."

UMkhwanazi uzoqala ukwethula ubufakazi kwikhomishini ngoSepthemba 17.

Ikomiti litshelwe ukuthi lingaze likwazi ukuqala ukubiza ofakazi ekuqaleni kuka-Okthoba, njengoba livumelene ngokuthi lizolinda uMkhwanazi aze aqede ukwethula ubufakazi kwikhomishini.

Ikomiti lanikezwa umnqamulajuqu wokuphela kuka-Okthoba ukuba liphothule umbiko walo.