Umkhosi womhlanga
Image: SIGCINIWE
AMAKHANSELA akuMasipala waseThekwini afuna umkhandlu usukumele izinkinga ezibhekana namatshitshi akulo mkhandludolobha eMkhosini woMhlanga.
Amakhansela athe awafuni ukuzwa kuthiwa nakulo nyaka kukhona izimbali zesizwe ezijikile eziswele amabhasi noma ezizofike ziswele ukudla nendawo yokulala eMkhosini woMhlanga ozokuba esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngesonto elizayo.
Akusho lokhu emva kokuba umkhandlu uveze ukuthi ubeke eceleni u-R1.4 million wokuxhasa izintombi zomhlanga.
Imali izosetshenziselwa ukuqasha amabhasi kanye nendawo yokulala izintombi kulo mkhosi wezinsuku ezimbili.
Ngokombiko owethulwe emhlanganweni womkhandlu obungoLwesithathu, zingu- 1 780 izintombi eziqhamuka eThekwini ezizoxhaswa.
Izintombi zizophelezelwa yizikhulu zomkhandlu eziyisishiyagalombili ezizoqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle.
Amakhansela athe kufanele umasipala wenze isiqiniseko sokuthi uqasha amabhasi anele kanye nezindawo zokulala ezanele.
Ikhansela le-DA, uNksz Bawinile Nxumalo, lithe zaba ziningi izikhalo ngonyaka odlule.
"Sinesicelo sokuthi kuhlelwe amabhasi anele ukuze kungenzeki okwenzeka ngonyaka odlule lapho kwasala khona inqwaba yezintombi ezitobhini. Sicela ukuba kuqashwe amatende anele. Sifisa kube nokudla okwanele mhlawumbe bafakelwe kuma-take-away ukuze bezokwazi ukuhlafuna. Sicela nokuthi kulethwe abashayeli bamabhasi abasesimeni esikahle ukuze izintombi zibuye ziphephile."
Ikhansela le-IFP, uNksz Bathobekile Shange, lithe asanele isabelomali esinikezwa izintombi.
UNksz Shange uthe ukuba ncane kwesabelomali kwenza ukuthi umasipala uhluleke wukuhlinzeka izintombi ngokudla kanye nendawo eyanele yokulala.
"Lokhu ngikusho ngenxa yezinto esifike sizibone eMhlangeni. Ngonyaka odlule izingane zazilele emnyango, emvuleni."
Ikhansela le-ActionSA, uNksz Saneli Zuma, lithe ngonyaka odlule izintombi zahanjiswa ngamabhasi angekho esimeni.
"Lokhu kwabeka impilo yezintombi engcupheni. Kufanele sifunde emaphutheni esawenza ngonyaka odlule bese senza kangcono kulo nyaka."
Usihlalo wekomiti elibhekele imisebenzi yomphakathi, uNkk Zama Sokhabase, uvumile ukuthi ayanele imali eyabelwe ukuxhasa izintombi zoMhlanga.
"Eqinisweni imali ebesiyinikiwe bekungu-R915 000, kodwa yabuye yangezwa njengoba isiwu-R1.4 million. Ngoba ke iyona mali esiyinikeziwe, sizosebenzisa yona."
UNkk Sokhabase uthe bayafisa ukuthi izintombi bazenzele okungaphezu kwalokho abazenzela khona njengamanje.
"Siyafisa ukuthi kube khona izinto ezenzelwa izintombi. Siyafisa kungagcini ngokuthi izintombi ziyahlolwa kuphela. Sifisa ukuthi zihlonyiswe ngamakhono."
Khonamanjalo, kusasa kuzoba noMkhosi woMhlanga esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma.
Lo mkhosi wandulela owangesonto elizayo.
Related Topics: