Izindaba

UHlabisa ukhala ngamadungamuzi azama ukuxova i-IFP

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa

Image: Facebook/IFP

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthukuthele uyaveva ngokusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwezinhlangothi ezimbili okuthiwa zizobanga izikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu.

UHlabisa uthe akukho mbango wezikhundla ngaphakathi eqenjini, wathi umbhalo osabalele ezinkundleni wenziwe amadungamuzi azama ukuxova i-IFP.

Ubekhuluma namalungu e-IFP oLundi, lapho enikele khona ngendlu kuMnuz Siyabonga Zulu.

Kusanda kusabalala imibhalo enezithombe zabaholi be-IFP okuthiwa bazobanga izikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu.

Kukhona uhlangothi oluveza yena uHlabisa njengomengameli, kuvele igama likaMnuz Albert Mncwango kwesephini likamengameli, bese kuthi kwesikasihlalo kuvele igama likaMnuz Bonginkosi Dlamini, ongusihlalo weqembu esifundazweni iGauteng.

Abanye abaholi abavela kulolu hlangothi nguMnuz Mkhuleko Hlengwa, okuthiwa uqaqele isikhundla sephini likasihlalo, kube yigama likasostwebhu weqembu ePhalamende, uMnuz Nhlanhla Hadebe, okuthiwa ugaqele isikhundla sikanobhala jikelele, kanye nelikaNksz Zandile Majozi, okuthiwa ulobizela isikhundla sephini likanobhala jikelele.

Ohlangothini lwesibili kuvela igama leNkosi Mzamo Buthelezi embangweni wokuhola iqembu, elikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, livela embangweni wephini likamengameli, kuthi elikaMnuz Blessed Gwala livele embangweni wesikhundla sikasihlalo.

Igama likaMfu Thulasizwe Buthelezi livela embangweni wesikhundla sikanobhala jikelele, elikaNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa livele embangweni wesikhundla sephini likanobhala jikelele.

Igama likaMnuz Narend Singh,  livela kuzona zombili izinhlangothi esikhundleni sikamgcinimafa.

UHlabisa uthe kungamampunge konke okuqukethwe yilo mbhalo.

UHlabisa uthe balandela umuntu osabalalise lo mbhalo, wathi bafuna ukumthathela izinyathelo.

"Le nto esezinkundleni zokuxhumana, ayikho. Angithi niyezwa. Lo muntu futhi oyenzayo, sisezithendeni zakhe ngoba uphethe idungamuzi.  Futhi akasiyona Inkatha. Kodwa sisezithendeni zakhe ngoba uzodala ukuduka."

Kwi-IFP kuke kwaba nezinhlangothi ebezibanga izikhundla iKKK nama-AU.

Lezi zinhlangothi zazibhilitile ngesikhathi iqembu libheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi yango-2019.

UHlabisa uthe sezaphela lezi zinhlangothi ezazibanga ukuhola iqembu.

"Iqembu Inkatha yeNkululeko lipholile, asinakuxokozela. Ake aba khona amaqembu qembu, sesidlulile lapho."

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-IFP yayikhonjwe ekupheleni konyaka kodwa kwabuye kwashintsha.

UHlabisa uthe bayaqhubeka nokwakha izinhlaka zeqembu kodwa wathi abakubheke kakhulu wukuvivela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo.

"Njengamanje sesilungiselela ukuthi sivuselele amaziko. Sizolandela ngokucubungula amaziko. Okwesithathu sizokhetha izinhlaka zeqembu. Kodwa umgqigqo omkhulu sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo."