ULUYANDA "Nhloso" Khwela omele omaskandi kwi-The Official SA Charts International Top 20
Image: SITHUNYELWE
"NGIYAZICELELA nelami igama libekhona...siphumelele sonke nabangani bami es'hamba nabo..." Lena yikhorasi yengoma kaLuyanda "Nhloso" Khwela waseMalangeni, eNdwedwe, esihloko sithi UNikhodima.
Le ngoma kaNhloso seyilalelwe amahlandla angaphezu kuka-9.7 million kuYouTube. Ngaphezu kwalokho, ikwi-The Official SA Charts: International Top 20 lapho idlana khona imilala nezinye izingoma zezinye izinhlobo zomculo okubalwa kuzo ekaZee Nxumalo, Mafikizolo, Kabza De Small, DJ Maphorisa, Ciza, Mawhoo, Kharishma nabanye. izingoma ezidlana imilala kuleli shadi lomculo ngezisuke zidlalwa kakhulu ezitolo ezisezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzo iSpotify, Deezer, Apple Music, neYouTube Music futhi zisuke zididiyelwe ngabeBMAT Music Innovators. UNhloso uyena noMafikizolo abamele umculo kamaskandi kule-International Top 20.
Uthe ubugagu yinto azalwe nayo ngenxa yokuthi ngakubo kuyasinwa kubuye kuculwe kanti naye wake waba yigoso lengoma yezingane esakhula.
"Ukungena kwami emculweni kwamina angizazi ngangena kanjani ngoba akuzange kube yinto ebengithi uma ngikhula ngizibone ngiyiyona. Kusho ukuthi ngingasho ngithi ukuthanda kukaNkulunkulu ngoba into ebengiythanda kakhulu ukusina."
Uthe ugqozi nofuqufuqu lokuyoqopha lwamfikela ngesikhathi ezithola enamasentshana ngo-2019.
"Kwabakhona into ethi nje awuthi-ke ngiyoqopha noma izingoma ezimbili. Nangempela ngahamba. Bathe uma bezizwa-ke abantu, kwayibona abangigqugquzela ukuthi angiqhubeke kuze kube imanje."
UNhloso uthe akekho noyedwa umculi akhula ethi ufuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe ngoba ucilo wathula uzishaya esagileni.
"Ngabe nginamanga lapho. Mina osekuyisfiso sami manje ngomculo ukuthi uma ngithola amandla, ngikwazi ukulekelela abantu abasweleyo ngokwempilo."
UNhloso usenama-albhamu amabili manje selokhu engenile emculweni.
"Ngizokhipha eyokugcina yesithathu emuva kwalapho angizboni ngibuya nge-albhamu. Sengizosebenzisa ama-EP nemicu ngenxa yendlela osusebenza ngayo umculo. I-albhamu ayisenaso isidingo ngokwami ukubona."
Le ndodana kaMaNzama waKwaShangase, eZimpondweni lapho yaqala ukufunda khona isahlala koninalume ngaphambi kokudlulela KwaSontshenge nakwaNgoza isihlala kubo.
Esephetha unxuse abantu ukuba bamlandele ezinkundleni zokuxhumana lapho ewuNhloso Khwela khona.
"Ngiyabonga kakhulu futhi ngoxhaso abangipha lona kukho konke engikwenzayo."