Izindaba

Libhekene nenkiyankiya ikomiti eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

Nhlanhla Mkhwanazi

Image: Oupa Mokoena Independent Newspapers

KUSINDA kwehlela ekomitini elikhethekile lasePhalamende eliphenya izinsolo ezishaqisayo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, okungenza kubambezeleke ukuqala kwalo umsebenzi.

Le ad-hoc committee (njengoba yaziwa kanjalo) enikezwe umnqamulajuqu wasekupheleni kuka-Okthoba, nonyaka, ukuba iphothule umbiko wayo, kubukeka kusayolithatha isikhathi ukuba iqale umsebenzi wayo ngenxa yokungatholakali ngokushesha kukaMkhwanazi.

Ikomiti lihlele ukuthi uMkhwanazi kube uyena owethula ubufakazi kuqala phambi kwalo.

NgoLwesihlanu, kuvele ukuthi uMkhwanazi angaze akwazi ukuvela phambi kwekomiti emva kuka-Septhemba 24.

Lokhu kungenxa yokuthi kulezi ezinye izinsuku uMkhwanazi uzokube ethula ubufakazi phambi kwekhomishini ephenya izinsolo zakhe.

IKhomishini eholwa iJaji uMbuyiseli Madlanga izoqala ukubiza ofakazi ngo-Septemba 17.

Ikomiti lasePhalamende lithe aliguquki ekutheni uMkhwanazi uyena ozokwethula ubufakazi kuqala nokusho ukuthi ungase ubambezeleke umsebenzi walo.

Ohola ubufakazi ekomitini lasePhalamende, u-Advocate Norman Arendse, uthe ikhomishini isiqalile ukuxoxa noMkhwanazi.

"Sebehambe ibanga elide ekutholeni incwadi yakhe efungelwe. Balindele ukuthi babe sebeyitholile incwadi yakhe efungelwe ekupheleni kwaleli sonto. Ikomiti lingaze likwazi ukukhuluma naye emva kokuba eseqedile kwikhomishini."

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wekomiti obungoLwesihlanu.

Ukungatholakali kukaMkhwanazi ngokushesha kushiye amalungu ekomiti ebambe amakhanda.

Kube nesiphakamiso sokuba ikomiti lizame ukuxoxa nekhomishini libone ukuthi angeke yini ikwazi ukusheshe imdedele.

Ukungatholakali kukaMkhwanazi ngokushesha kushiye umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ebhodla umlilo.

UMalema uthe ikomiti kufanele limphoqe uMkhwanazi ukuba avele phambi kwalo ngokushesha.

"Angeke sitshelwe uMkhwanazi ukuthi kufanele kwenzekeni. Uma simfuna, kufanele simthole. Uma engafuni ukuza lapha kufanele simphoqe ukuthi eze lapha. Uyena osifake kule nyakanyaka. Kufanele amele into ayiqalile. Akufanele asitshele ngendaba yamakhomishini. Thina asihlangene namakhomishini. 

"Asazi nanokuthi enzani lawo makhomishini. UMkhwananzi kufanele simthumelele amasamanisi uma kuwukuthi akafuni ukuvela phambi kwethu. Leli komiti lasungulwa ngenxa yokuthi yena uMkhwanazi wathatha isikhathi sakhe, wenza izinsolo ezishaqisayo. Akakwazi ke ukusibalekela."

Abanye abazokwethula ubufakazi phambi kwekomiti kubalwa kubo uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, uMkhuzi wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola, noNgqonqgoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia.