Izindaba

Ubuyiselwe eMkhanyakude ongafunwa wubuholi bomkhandlu nabasebenzi

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Bamba Ndwandwe ojutshwe ukuba ayolekelela kuMasipala uMkhanyakude

Image: Sigciniwe

USEPHINDE wakhuza ibuya kuMasipala uMkhanyakude uMnuz Bamba Ndwandwe, ongafunwa wubuholi bomkhandlu kanye nabasebenzi.

UNdwandwe ujutshwe wuMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuba ayolekelela umkhandlu.

UNdwandwe usanda kuhoxiswa njengomlawuli kulo masipala.

Ukuqokwa kwakhe njengomlawuli womkhandlu kwasusa umsindo owaholela ekuvalweni kwamahhovisi omkhandlu izinyanga ezimbili.

Abasebenzi bomkhandlu balibeka ngembaba elokuthi abamfuni uNdwandwe bekhala ngokuthi uphatha ngesandla sensimbi.

Nobuholi bomkhandlu baze baya enkantolo buphikisana nokuqokwa kwakhe.

Uhulumeni wagcina uhoxisa isinqumo sokufaka umasipala ngaphansi kweso lomlawuli, nokwasho ukuthi uNdwandwe akaseyena umlawuli.

Ukukhishwa komkhandlu ngaphansi komlawuli kwalandelwa wukuvulwa kwamahhovisi omkhandlu.

UButhelezi usenqume ukuthi uNdwandwe aphindele emkhandlwini.

Encwadini ebhalelwe uSomlomo womkhandlu, uMnuz Solomon Mkhombo, uButhelezi uqale achaze ngokuhoxiswa kwesinqumo seKhabhinethi yaKwaZulu-Natal sokufaka umkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli.

Eqhuba kule ncwandi ebonwe yiSolezwe, uButhelezi ube esebika ukuthi iKhabhinethi inqume ukwelekelela umkhandlu ngaphansi kwesigaba 154 somthetho.

Ube usememezela ukuqokwa kukaNdwandwe njengongoti ozolekelela umkhandlu.

"Nginxusa ukuba wethule le ncwadi emhlanganweni womkhandlu olandelayo."

Okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, ukuqinisekisile ukujutshwa kukaNdwandwe.

Akucaci ukuthi abaholi bomkhandlu nabasebenzi bazomamukela yini uNdwandwe.

Ngesikhathi ejutshwe njengomlawuli ubuholi bomkhandlu abuzange bumhlinzeke ngisho nangehhovisi azosebenzela kulona.

Unobhala wenyunyana yabasebenzi bomkhandlu iSamwu, eMkhanyakude, uNksz Zandile Gumede, uthe bazoba nomhlangano namhlanje lapho bezobhunga khona ngokubuyiswa kukaNdwandwe.

"Sizwe ngalolu daba ngoLwesihlanu. Sizoba nomhlangano nobuholi benyunyana esifundeni kusasa (namhlanje). Ngingakwazi ukuphawula kahle ngalolu daba emva komhlangano."

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMkhombo, kanye nemeya yomkhandlu, uMnuz Siphile Mdaka, ayizange iphumelele njengoba izingcingo zabo bezingangeni.

UNdwandwe akamusha kuMasipala uMkhanyakude njengoba eke waba wumlawuli izikhawu ezahlukene.