OWE-GENERATIONS The Legacy, uLindiwe Pride Dube, uzobe elingisa kwiHlala Ngentombi The Musical eMpangeni
Image: FACEBOOK
OSANDA kujoyina iGenerations The Legacy, uLindiwe Pride Dube, uzolingisa indawo eqavile emdlalweni weshashalazi iHlala Ngentombi The Musical eMpangeni Civic Centre ngoSepthemba 27, ngo-7 ebusuku.
Kulo mdlalo weshashalazi kaWellinton Makwakwa, uLindiwe uzobe elingisa indawo kamakaHloniphile. Abanye ababoshelwe kulo mdlalo ngoSiyamthanda "MakaThangithini" Myeza, Amatshitshi KaZulu, Unizulu Creative Arts Students, abafundi baseKhula High nabaseKhandlela ne-Assorted Artists. Ngaphambi kwalolo suku, uLindiwe uzobe ekade evele okokuqala kwiGenerations The Legacy lapho elingisa khona indawo yemantshi.
Kwenzeka lokhu nje, le ntokazi yaKwaDlangezwa, isanda kuqopha umlando ngokuba wumuntu wesifazane wokuqala omnyama ukuklonyeliswa ngendondo yePaul Harris Fellowship Award yiRotary Club of Richards Bay. Umengameli wale kilabhu, u-Amanda Oppenlander, wathi bathathe isinqumo sokuchoma uLindiwe uphaphe legwalagwala ngenxa yamagalelo akhe ekufukuleni abantu besifazane, ukutakula imindeni eswele nokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Akugcinanga lapho kodwa uphinde wabungazwa yiSivananda World Peace Foundation, okuyinhlangano ka-Ishwar Ramlutchman, ngomklomelo weWoman of Excellence Award 2025. Ubehlonishwa nabanye abantu besifazane abaqavile eZululand, okubalwa kubo iNdlovukazi uNompumelelo Zulu, Zime Mpanza, Cassandra Mthethwa, Kholeka Ndaba, Jackie Smith, Michele Banwell, Sne Zungu, Delhi Mthethwa noNatasha Bayroo. ULindiwe wayehlonishwa ngokuba yisibonelo esihle kubantu besifazane abaseza ngemuva. NoMasipala waseMhlathuze umthulele isigqoko nabanye abantu besifazane abaqhakambisa le ndawo eNingizimu Afrika.
Lesi sishoshovu samalungelo abantu besifazane safunda amabanga aphansi eMatshangule LP, sadlulela eDlangezwa High naseRichtek College for Professional Education eRichards Bay. Saziwa kakhulu ngomsebenzi omuhle esiwenzela umphakathi ngaphansi kwenhlangano yaso engenzi nzuzo iLinzwa Foundation.
Ngaphandle kwalokho, uLindiwe ubuye abe ngusomabhizinisi osewole inqwaba yezindondo, okubalwa kuzo eyeWoman of Influence, Business Person of the Year neyeSocial Entrepreneur of the Year. Ubuye wahlonishwa ngomklomelo weSouth 32 Covid-19 Community Hero. Emkhakheni wokulingisa, uLindiwe uqale kwiDurban Gen lapho ayedlala khona indawo yesiguli. Wadlulela kuMkhokha: The Curse lapho ayenguMakhombothi, udadewabo kababa kaMkhululi, uMthembu. Ubuye wagqama kakhulu eselingisa emdlalweni obusakazwa kwiNetflix, iMeet The Khumalos, engunomehlo ozinze KwaMashu futhi wavela nakuZalo engu-Aunt Sheila.
UMAKATHANGITHINI noLindiwe Dube abalingisa kwiHlala Ngentombi The Musical eMpangeni Civic Centre
Image: FACEBOOK
ULINDIWE Dube olingisa emdlalweni weshashalazi iHlala Ngentombi The Musical eMpangeni Civic Centre
Image: FACEBOOK