Izindaba

SIGOQA ISONTO: Akekho obezibeke phansi kuMasemola noSibiya enkantolo

Sabelo Nsele|Published

LIEUTENANT General Fannie Masemola

Image: Supplied/SAPS

ZIGADLANE ngazo zonke izikhulu zamaphoyisa, uKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola nePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, ngesikhathi zitholana phezulu enkantolo.

Abameli bakaMasemola nabakaSibiya bakhiphe amagwevu ngesikhathi kulalelwe isicelo sikaSibiya lapho khona ephonsela inselelo ukumiswa kwakhe.

Ukududulana kwalezi zikhulu kwenze ukuthi kuze kube nomuzwa wokuthi angeke zisakwazi ukusebenzisana kahle.

Isicelo sikaSibiya beselalelwe eNkantolo eNkulu, ePitoli. 

USibiya wamiswa emsebenzini emva kwezinsolo ezishaqisayo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMkhwanazi wasola uSibiya ngokuba yingxenye yetulo lokuhlakaza ithimba eliphenya amacala ezepolitiki KwaZulu-Natal.

Emva kwezinsolo zikaMkhwanazi, uMasemola wayalela uSibiya ukuba ahlale ekhaya.

LIEUTENANT General Shadrack Sibiya

Image: X

Ummeli kaSibiya, u-Advocate Kameel Premhid, uthe uMasemola akanalo igunya lokuyalela uSibiya ukuba ahlale ekhaya.

"Awukho umthetho ogunyaza uMasemola ukuba ayalele uSibiya ukuba ahlale ekhaya. Asikho isigaba somthetho esimvumela ukuba akhiphe lo myalelo wokuba ahlale ekhaya."

UPremhid uthe bafuna nokuthi inkantolo ivimbe uMasemola ukuba athathele uSibiya izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe, wathi uMasemola kufanele alinde ikhomishini ezophenya izinsolo zikaMkhwanazi yenze umsebenzi wayo.

"UMasemola akadedele ikhomishini ukuba yenze umsebenzi wayo. Ikhomishini ayithinteki ezinsolweni zikaMkhwanazi. Ikhomishini inamadla okuphakamisa ukuba kube nesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe. Uma ngempela kufanele ngiqondiswe ubugwegwe, ikhomishini izokusho. Anginankinga nokuqondiswa ubugwegwe."

Ummeli kaMasemola, u-Advocate Stefan Coetzee, uthe uMasemola akakwazi ukulinda ikhomishini.

"Awukwazi ukuma umsebenzi wamaphoyisa. Asazi nokuthi ikhomishini izoqala nini ukwenza umsebenzi wayo. Kwakufanele iqale ngoMsombuluko, kodwa yangaqala. Noma isiqalile asazi ukuthi izothatha isikhathi esingakanani. Kungenzeka ukuthi izithatha izinyanga eziyisithupha, kusengenzeka futhi ithathe unyaka. Umsebenzi wamaphoyisa kufanele uqhubeke."

UCoetzee uthe uSibiya ugagamelile ngokuya enkantolo, wathi bekufanele alinde uphenyo olwenziwa uMasemola.

"Akahlale ekhaya. Uma kuwukuthi uphenyo luthola ukuthi asikho isidingo sokuthi abhekane nekomiti lokuqondisa ubugwegwe, uzobuyela emsebenzini."

UCoetzee uthe akaboni ukuthi kusazokuba lula ukuthi uMasemola noSibiya bakwazi ukusebenza kahle.

Ekhuluma nezintatheli, uSibiya uthe unethemba lokuthi basazokwazi ukuqhubeka basebenzisane noMasemola athe uyamhlonipha kakhulu.

USibiya uthe uzokuya kokwethula ubufakazi ekomitini lasePhalamende eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi ngoSeptemba 10.

Isinqumo senkantolo sigodliwe.