INKOSI Simphiwe Erick Zuma
Image: Facebook
IYIMPUNYELA iNkosi uSimphiwe Erick Zuma, eboshelwe icala lokusoconga owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
UZuma unemizi ebiza ngaphezu kwesigidi samarandi, izimoto nemfuyo ebulala inyoka, kanti izingane zakhe zifunda ezikoleni zomtakabani.
Le mininingwane ivele ngesikhathi uZuma efaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi eHowick.
Encwadini yasenkantolo efungelwe efundwe ummeli wakhe, u-Advocate Sthembiso "Sticks" Mdladla, kuthiwe uZuma unemizi emine eminye yayo esezindaweni zeziqumama.
Umuzi obiza kancane kule mizi uwu-R1.4 million. Umuzi ka-R1.4 million useMpendle, endaweni yakhe uZuma.
UZuma unomuzi ka-R1.5 million oseSweetwater, eMgungundlovu. Nawo lo muzi usendaweni engaphansi kwakhe uZuma.
UZuma unomuzi ka-R1.5 million endaweni yabadla izambane likapondo, eHowick West.
Utshele inkantolo ukuthi lo muzi usawukhokhela. UZuma uphinde abe nomuzi ka-R1.7 million eClaridge, ngaseHilton.
Umuzi oseMpendle uhlala undlunkulu wakhe onguthisha, bese kuthi lena eminye ihlala izingane zakhe nezingoduso.
Uveze ukuthi unezinkomo ezingu-400, izimbuzi ezingu-42, nezimvu ezingu-120. Uthe uziphilisa ngokudayisa imfuyo kanye nezitshalo.
"Ngonyaka ngiyawuthola u-R500 000 ngokudayisa imfuyo. Ngiyawuthola u-R300 000 ngonyaka ngokudayisa izivumo."
Utshele inkantolo ukuthi unezimoto ezintathu ezimbili ezingama-SUV, neveni elinezicabha ezine, bese kuba ogandaganda ababili.
Uphinde abe namatekisi amathathu athe abeka u-R50 000 njalo ngenyanga, itekisi lilinye.
Izingane zakhe ezimbili ezifunda enkulisa, enye ikhokha u-R40 000 ngonyaka, enye ikhokha u-R30 000 ngonyaka.
Ezifunda isikole enye ikhokha u-R50 000 ngonyaka, enye ikhokha u-R40 000 ngonyaka.
UZuma unezingane ezimbili nondlunkulu, bese eba nezinye eziyisishiyagalombili azithola ngaphandle komshado.
Ngesikhathi evele enkantolo ngoMsombuluko, uZuma ubeswenke econsa.
UZuma usolwa ngokuhlela itulo lokusoconga uNdlovu.
UMbuso uthe wakhokha u-R70 000 ukuze kubulawe uNdlovu.
UNdlovu kuthiwa wabulawelwa ukungahambisani nokuxhunywa kukagesi ngendlela engekho emthethweni, eMpophomeni.
UZuma uyawaphika amacala abekwa wona.
Uboshwe noMnuz Thobani Hlongwa, Khayelihle Shabalala noThabo Chonco.
Umsolwa oyinduna, uMnuz Zwelithini Buthelezi, yena usephenduke ufakazi wenkantolo. Icala lokubulawa kukaNdlovu lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko.
UZuma uphinde abhekane necala lokubulala owayengundunankulu wesizwe, uMnuz Qalokunye Zuma.
Wadedelwa ngebheyili ka-R25 000 kuleli cala. UMbuso usola ukuthi wagwazela imantshi ngo-R200 000 ukuze adedelwe ngebheyili.
Imali yokugwazela imantshi kuthiwa yakhokhwa ilungu le-MK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Thobani Zuma.
Lezi zinsolo zenziwa ngesikhathi uZuma evele enkantolo, ngoMsombuluko.
UMbuso waphinde wenza izinsolo zokuthi uZuma wazama ukwakha itulo lokuba kudliswe ufakazi ecaleni elibhekene nomuntu osondelene nosomabhizinisi, uMnuz Khulubuse Zuma.
Related Topics: