Izindaba

I-ANC ixoshe ikhansela elisolwa ekufeni kowaduka elivulele icala

Sabelo Nsele|Published

ANC

Image: Sizwe Ndingane

I-ANC ixoshe ikhansela lakuMasipala waseMandeni elisolwa ekufeni komuntu owatholwa eshonile emva kokuba elivulele icala lokushaya nelokuzama ukubulala. 

UKhongolose umise ubulungu bekhansela lawo elinukeka ekufeni kukaMnuz Siyabonga Makhoba, owashona evulele ikhansela icala emva kokuba limhudule ngemoto limsola ngokweba uthayela. 

UMakhoba watholakala eshonile ngo-2023.

Isidumbu sikaMakhoba satholwa sesonakele silaxazwe emafusini agudle ujantshi phakathi kwamafemu KwaSithebe, eMandeni.

Ngesikhathi uMakhoba enyamalala ikhansela - igama lalo elingeke lidalulwe - laligqigqa enkantolo ngecala lokushaya nelokuzama ukubulala. 

Ikhansela lalimaza kabi uMakhoba ngesikhathi limhudula ngemoto, limsola ngokweba uthayela. 

Ngokuhamba kwesikhathi, kwabuye kwavela ukuthi uthayela wawungantshontshwa uMakhoba. 

Emva kwalokho, kwabe sekuba nezingxoxo phakathi kukaMakhoba nekhansela kodwa bagcina bengavumelana ngemali okwakufanele ikhokhwe yikhansela ukuze kusulwe icala.

Emva kwalokho, uMakhoba wabe esenyamalala, isidumbu sakhe saze satholakala emva kwezinyanga ezintathu.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe banqume ukumisa ubulungu bekhansela kwi-ANC.

"Ukumiswa kobulungu bakhe kusho ukuthi akakwazi ukuqhubeka abe yikhansela. I-ANC ayihambisani nodlame nabantu abasebenzisa amandla abo budedengu. Asihambisani nezenzo ezibeka engcupheni ukuphepha komphakathi nezehlisa isithunzi sabanye abantu. Siyaphinda futhi siyazibophezela ekusebenzeni ngokwethembeka nasekuhlonipheni amalungelo abantu."

USibisi uthe i-ANC izoqhubeka nokuvikela amalungelo abantu.

"Isinqumo sokuxosha ikhansela sikhombisa ngokusobala ukuthi sizimisele ukuvikela abantu. Sinxusa abantu ukuba basebenzisane namaphoyisa."

UMakhoba ungcwatshwe isibili ngenyanga eyedlule.Umndeni wangcwaba amathambo emva kokuphuma kwemiphumela yolibofuzo.

Okokuqala wayekade engcwatshwe uhulumeni ngesikhathi kusalindwe imiphumela yolibofuzo.

Ngenyanga eyedlule, umndeni kaMakhoba wabhalela ubuholi be-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, ucela ukuba kumiswe ikhansela. 

Umfowabo kaMakhoba, uMnuz Mthoko Makhoba, usishayele ihlombe isinqumo sobuholi be-ANC sokuxosha ikhansela.

"Siyasijabulela kakhulu isinqumo se-ANC siwumndeni wakwaMkhoba, sizokuya ukuyoyikhankasela uma sekunokhetho lokuchibiyela ngoba ikhombise ukuzwelana kakhulu nabantu."

UMakhoba akazange afune ukwanda kakhulu, wathi umphenyi wecala ubaluleke ukuba bengakhulumi ngalolu daba kwabezindaba.

Ngesikhathi umufi esadukile, umndeni watshelwa ukuthi lihoxisiwe icala lokushaya nelokuzama ukubulala elalibhekene nekhansela ngenxa yokushoda kobufakazi.