Izindaba

Kubuyiswa ongoti abebehoxisiwe eMkhanyakude

Sabelo Nsele|Published

UMPHATHISWA wezeziMali, uMnuz Francois Rodgers, neMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka

Image: Sithunyelwe

UPHELILE umdonsiswano phakathi kukahulumeni waKwaZulu-Natal noMasipala wesiFunda uMkhanyakude njengoba uhulumeni wesifundazwe uzobuyisela ongoti owabahoxisa kulo mkhandlu.

Isinqumo sokubuyisela ongoti boMnyango wezeziMali esifundazweni, sithathwe emva komhlangano omude wezikhulu zoMnyango wezeziMali eKZN nobuholi bomkhandlu obuyizolo, eMgungundlovu.

Kuthathwa lesi sinqumo nje, uhulumeni waKwaZulu-Natal usanda kuqinisekisa isinqumo seKhabhinethi yesifundazwe sokukhipha lo mkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli.

Bese kuphele izinyanga ezimbili uMasipala waseMkhanyakude ubhekene ngeziqu zamehlo nohulumeni waKwaZulu-Natal. Izinkinga zaqala ngesikhathi iKhabhinethi ithatha isinqumo sokufaka umkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli.

Ubuholi bomkhandlu basiphikisa isinqumo seKhabhinethi, baze bafaka necala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Kwathi kusabatshazwa lo mdonsiswano uMnyango wezeziMali KwaZulu-Natal wahoxisa ongoti owawubajube ukuba bayolekelela kulo mkhandlu.

Ongoti bahoxiselwa izinsolo zokuthi izikhulu zomkhandlu kazifuni ukubambisana nabo.

Izolo uMphathiswa wezeziMali, uMnuz Francois Rodgers, nezikhulu zomnyango babambe umhlangano omude nobuholi bomkhandlu.

Kulo mhlangano kuvunyelwane ngokuthi babuye ongoti abahoxiswa. IMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, ithe ongoti bazokwelekelela ophikweni lomkhandlu olukhipha amathenda nakwezezimali.

UMdaka uthe kwehle umthwalo emahlombe kuyena njengoba kubuya ongoti.

"Bahoxiswa ngesikhathi lapho khona wase uqala ukubonakala umsebenzi abawenzayo. Wawusubonakala umehluko ngisho nasendleleni izinhlaka zomkhandlu ezisebenza ngayo. Ngakho ke ngiyajabula kakhulu njengoba sebebuyile. Ngiyethemba ukuthi kukhulu esizokuzuza ngokubuya kwabo. Ukubuya kwabo kuzoqinisa indlela yokusebenza kwethu njengomkhandlu. Sibheke izinkinga ezikhona ngokusebenza kwemali emkhandlwini, savumelana ngokuthi sizosebenza ngokubambisana."

UMdaka uthe bakujabulele nokukhishwa komkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli, wathi sebesitholile isiqiniseko sokuthi umkhandlu usukhishiwe ngaphansi kweso lomlawuli.

"Ukunqakisana kwezinhlaka zikahulumeni ezisesigabeni ngezinto ezithinta ukuthuthuka kwabantu asikujabuleli. Kunezinhlaka ezikhona zokuxazulula izinhlaka zikahulumeni uma kukhona ukuphambana kwemibono njengoba sikhona lapha."

Amahhovisi omkhandlu abesehlale izinyanga ezimbili evaliwe ngenxa yomdonsiswano.

UMdaka uthe bazohlala phezu komsebenzi njengoba sewuphelile umdonsiswano.

"Ayikho manje into ezosivimba. Sizoqhubeka nomsebenzi wethu. Sizosebenza ngokuthembeka nangokuzimisela. Besiqhubeka nokuyenza eminye imisebenzi yethu efana nokuhambisa amanzi nenhlanzeko ngesikhathi kuvaliwe emahhovisi omkhandlu."