UMNTWANA uThulani kaGqikazi, wasendlunkulu kaZulu usebenzela uMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, ozinze eRichards Bay
Image: FACEBOOK/THULANI ZULU
INDLUNKULU kaZulu ayifuni nokuyizwa eyokuthi kufanele zingahlolwa izintombi ezingaphansi kweminyaka engu-16.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe abathi azingahlolwa izintombi ezingaphansi kweminyaka engu-16 bahlose ukuqeda usiko lokuhlola izintombi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngamalungiselelo oMkhosi woMhlanga.
NgoMgqibelo, kuzokuba noMkhosi woMhlanga esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, bese kuthi ngesonto elizayo kube noMkhosi woMhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
Umthetho omusha ovikela izingane, iChildrens Act, awuvumi ukuthi kuhlolwe abaneminyaka engaphansi kuka-16.
UMntwana uThulani uthe amantombazane kufanele aqale ukuhlolwa esemancane.
"Ngibona sengathi bayachezuka uma bethi izintombi (ezingaphansi kuka-16) azingahlolwa. Sifike nezingane, sibe namatshitshi, sibe nezintombi, sibe namaqhikiza. Bonke laba bantu baziqhenya ngokuthi kabalali, asikafiki isikhathi sokuthi balale. Ukuze kubonakale ubufakazi bokuthi kabalali, kufanele bahlolwe. Kunzima kabi ukuthi ungathi uzoqala ukuhlola umuntu ngoba nakhu eseneminyaka engu-17. Kufanele aqale ukuhlolwa eseyingane."
UMntwana uThulani uthe azihlukumezeki ndawo izintombi uma zihlolwa.
"Bahlanzekile labo mama abahlola izintombi. Bafaka ngisho amagilavu, abazilimazi izingane."
UMntwana uThulani ukhale kakhulu ngokuthi imithetho eminingi kubukeka ilwa kakhulu noMkhosi woMhlanga, wathi imithetho eminingi kukhulunywa kakhulu ngayo uma sekusondele uMkhosi woMhlanga.
"Ngibuka nje le nto yokuthi uma kukhulunywa ngamalungelo ezingane bese kugijinywa kuzobhekwa lapha ekuhlolweni kwezintombi, ekubeni sazi ukuthi ebusika nje kukhona izingane ezizoya entabeni, ziyofa. Zifa nga-10, nga-15. Asikaze sibezwe laba bamalungelo ukuthi bathini. Siyabona-ke ukuthi lo mthetho oka-2025. Kodwa-ke abake basiyeke ngezintombi zoMhlanga. Abayeke onomehlo benze umsebenzi wabo. Kusho ukuthi balwa naleli siko. Inkinga ngalaba bantu abangamashoshozela akusibona abantu basemakhaya. Izingane zabo azihambi amabanga amade ziyokha amanzi."
UMntwana uThulani uthe ahamba kahle amalungiselelo omkhosi ozokuba seMachobeni.
Umkhosi ozokuba seMachobeni wandulela umkhosi ozokuba seMashobeni, ngesonto elizayo.
Kuzokube kungokokuqala uMkhosi woMhlanga ubanjelwa esigodlweni seSilo esisha, eMashobeni, njengoba kule minyaka engu-40 eyedlule ububanjelwa esigodlweni eNyokeni.
UMntwana uThulani uthe zikhona izinselelo esigodlweni eMashobeni njengoba kuzokube kuqala ukuba noMkhosi woMhlanga, wathi kodwa iminyango kahulumeni eyehlukene isebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi umkhosi uba yimpumelelo.
Related Topics: