ABASOLWA, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma
Image: Sabelo Nsele
KUVELE amagama abantu bakwaZuma abadumile, uMnuz Khulubuse Zuma noMnuz Thobani Zuma, ecaleni leNkosi Simphiwe Eric Zuma, esolwa ngokubulala owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
UThobani, oyilungu le-MK esiShayamthetho, usolwa ngokuba yingxenye yetulo lokugwazela imantshi ngo-R200 000 ukuba idedele inkosi kwelinye icala lokubulala ebhekene nalo eMpendle.
UKhulubuse yena usolwa ngokuba mdibi noZuma (inkosi) emzamweni wokudlisa ufakazi ecaleni lokubulala elibhekene nomuntu abasondelene naye.
Kuvele nokuthi uZuma uxhumana nenkabi eboshelwe icala lokusoconga owayeyikhansela le-ANC kuMasipala waseMandeni, uMnuz Phendukani Mabhida.
Lezi zinsolo zenziwe eNkantolo yeMantshi eHowick, ngesikhathi uMbuso uchitha isicelo sikaZuma sokudedelwa ngebheyili ecaleni lokubulala uNdlovu.
Ngesikhathi uMbuso uveza zonke lezi zinsolo, uZuma ubelokhu enikina ikhanda, ekhombisa ukuphikisana nokushiwoyo.
Incwadi efungelwe yomphenyi wecala, uDetective Sergeant Delani Chamane, efundwe umshushisi omkhulu, u-Advocate Lawrence Gcaba, iveze izinsolo zokuthi uZuma wagwazela imantshi ukuze akhishwe ngebheyili ecaleni lokubulala owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma.
Kuleli cala uZuma wadedelwa ngebheyili kaR25 000 eNkantolo yeMantshi eMpendle.
UGcaba uthe ngaphambi kokuthi uZuma adedelwe ngebheyili wafonela osephenduke ufakazi woMbuso, uMnuz Zwelithini Buthelezi, emazisa ukuthi ugwazele imantshi ukuba imnikeze ibheyili.
"Umuntu owakhokha le mali uThobani Zuma."
UGcaba uthe sebeqale uphenyo ngokunikwa kukaZuma ibheyili.
"Sesitholile isinqumo senkantolo. Isizathu esabekwa inkantolo ngesikhathi idedela uZuma ngebheyili asinaso isisindo. Imantshi yathi imdedela ngebheyili ngoba uyinkosi yesizwe. Iqiniso ukuthi umsebenzi wesizwe ungakwazi ukuqhubeka noma esejele. Zikhona izinduna okuyizona ezenza umsebenzi omningi. Ukhona nomabhalane wasenkantolo."
UGcaba uthe bathole ubufakazi bokuthi uZuma wazama ukuthuma uButhelezi ukuba asoconge umuntu owufakazi ecaleni lomuntu osondelene naye noKhulubuse.
UGcaba uthe uZuma noKhulubuse babethembisa uButhelezi itshe lemali uma engase adlise ufakazi.
"Ngaleso sikhathi uButhelezi wayeboshiwe. Icala elibhekene nomuntu osondelene noZuma lifaka phakathi inkohlakalo yamathenda kanye nokubulala."
UGcaba uthe banobufakazi bokuthi uZuma uxhumana noMnuz Xolani Mhlongo, oboshelwe icala lokusoconga uMabhida.
UMabhida, owayaziwa ngokulwa nenkohlakalo, wabulawa ngonyaka owedlule.
UGcaba uthe zonke lezi zizathu zenza ukuthi uZuma engafanelwa ukunikezwa ibheyili.
UGcaba uthe uZuma usanda kubanjwa neselula ejele.
Le selula kuthiwa wayishushumbiselwa yiphoyisa lesifazane elisebenza esiteshini samaphoyisa esiseMayville. UGcaba uthe bathola umyalezo othi uZuma ugwazele omunye wabasolwa, uMnuz Khayelihle Shabalala, ngo-R100 000 ukuze angalifaki igama lakhe.
"Umphenyi wecala wathola umyalezo kumuntu ongafunanga ukuzisho igama lakhe, wathi uZuma ugwazele uShabalala ngo-R100 000."
UGcaba uthe uZuma ubekhokhela osolwa ngokuhlela itulo lokusoconga uNdlovu esejele, uMnuz Thabo Chonco, imali yokumvala umlomo.
UChonco uphinde abhekane nanecala lokubulala uQalokunye.
UGcaba uthe uZuma ubekhokhela noButhelezi imali ngesikhathi esabalekele amaphoyisa.
UZuma uwaphikile amacala abekwe wona. Encwadini yasenkantolo efungelwe, uZuma uthe kwake kwanamahlebezi okuthi uButhelezi upheka itulo lokusoconga uNdlovu.
UZuma uthe wayekade enomhlangano noNdlovu ngosuku olwandulela abulawa ngalo. Uthe kulo mhlangano kwakuzokhulunywa ngodaba lukagesi.
"Wayekhathazekile ngodaba lukagesi. UButhelezi wayekade ebize umhlangano womphakathi, lapho kwavunyelwana ngokuthi amalungu omphakathi azihlanganisele imali yokuthenga i-transformer. UNdlovu wasala yedwa wangaxhunyelwa ugesi ngoba wayethi akukho emthethweni ukuzixhumela ugesi. Emva kwalokho kwakulokhu kufika abakwamasipala bezocisha ugesi. Kwaba nenkolelo yokuthi uNdlovu uyena owayethi akucishwe ugesi. Kwaba namahlebezi okuthi uButhelezi uhlela itulo lokusoconga uNdlovu. Manje uButhelezi usezama ukungisulela ngecala."
IDLELWE impahla indodana yowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, ezalwa umfowabo, uMnuz Khulubuse Zuma, ngemuva kokuhluleka ukukhokha amademeshe enkampani yabo eyavalwa i-Aurora Empowerment Systems Isithombe: BONGANI MBATHA/ ANA Khulubuse Zuma
Image: SIGCINIWE
Inkantolo izwe ukuthi uZuma wayephakamise ukuthi uNdlovu abulawe ngosuku lomhlangano. UGcaba uthe kwaba uChonco owaphikisa lombono.
"UChonco wathi kuzobonakala ukuthi ibona abenze le nto uma bemsoconga ephuma emhlanganweni."
Icala lizoqhubeka ngoMsombuluko.
Related Topics: