UMHOLI weMK, uMnuz Jacob Zuma
Image: Sigciniwe
UMHOLI weMK, uMnuz Jacob Zuma, ubhoboke ngokuphoxwa yisenzo sowayengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu, sokuphuma ibhodwe lakhe.
UZuma uthe wayemethemba kakhulu uShivambu angazange ambize ngegama, wathi waphoxeka kakhulu ngesikhathi enquma ukuvula iMayibuye.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu eqembu, eFree State.
UShivambu waxoshwa kwiMK emva kwezinsolo zokuthi wayepheka itulo lokuketula uZuma. Njengamanje uShivambu useqale elisha, iMayibuye.
UZuma uthe amaqembu amaningi iwona enza ukuthi abantu abamnyama bangalibusi izwe.
"La bantu bakithi abafundile bayinkinga ngoba bazitshela ukuthi bangcono ngoba nakhu bekwazi ukukhuluma isilungu. Uma ngenza isibonelo nje ngathatha umfana omncane ngoba nakhu sakha leli qembu. Ngathi akakhe iqembu, yena wenzani? Waphuma wakha elakhe ekubeni ngangithe abantu abamnyama kufanele bahlangane. Waphuma nabantu engangibethemba impela. Naye ngangimthemba impela."
Uthe: "Khuzani abantu abamnyama, singalwi sodwa siqhathwa. Sifuna ukubakhipha abantu abamhlophe emandleni, asifuni ukubambisana nabo. Into esiyishoyo ukuthi hlangana ndlemnyama, sikhululwe izwe lethu. Asikho isidingo sokuthi uma kunokhetho sihlukane phakathi. Kufanele sihlangane, sithathe izwe lethu. Kufanele wonke umcebo wezwe lethu ubuye uze kuthina. Iqembu eliphethe njengamanje lihlulekile ukuthuthukisa abantu abamnyama."
UZuma uthe ufuna kudliwe ngoludala, kuphathe amakhosi.
"Kufanele thina sikhumbuzane ukuthi ngesikhathi kusaphethe amakhosi babengekho abantu ababulala abanye. Namhlanje izwe liphethwe abelungu, abantu bayafa noma kungandiswa amaphoyisa. Lokhu kwenziwa ukuthi izwe alisaphethwe abanikazi balo."
I-MK yemukele inqwaba yamalungu amasha eFree State.
UZuma ubonge amalungu amasha ngokujoyina iMK, wathi ngeke azisole.
"Nithathe isinqumo esifanele. I-MK iyona kuphela iqembu elijoyinwa inqwaba engaka yamalungu. Amanye ayehluleka ukwenza lokhu esikwenze namhlanje."
Related Topics: