USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ekhuluma namalungu enhlangano e-Eastern Cape
Image: Facebook/ MyANC
ABAHOLI abaphezulu be-ANC bavuma eyokuthi le nhlangano isesimeni esibucayi ngendlela eyisimanga.
Abaholi abehlukene okukhona kubo uSihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, nelungu lesigungu esiphezulu, uDkt Zweli Mkhize, bafuna ukuthi le nhlangano ivuke izithathe.
Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma emihlanganweni yokulungiselela iNational General Council (NGC), ezoba ngoDisemba.
Kule mpelasonto i-ANC ibinemihlangano ezifundeni ezahlukene lapho kwethulwe khona ngokusemthethweni imiqulu okuzokuba kuxoxwa ngayo kwi-NGC.
Emhlanganweni weNGC kubhekwa kabanzi imigomo yenhlangano kanye nobuholi bayo.
UMantashe, obekhuluma e-Eastern Cape, uthe i-ANC idinga imithandazo.
"Mfundisi, ngiyabonga ukuba usithandazele. Singayithatha kancane nje le nto kodwa siyayidinga imithandazo kulesi simo esibhekene naso."
UMantashe ukhuze ukuklwebhana kwamalungu e-ANC njengoba kuzokuba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi ezifundazweni okubalwa kuzo neKwaZulu-Natal.
"Angifuni nokuyizwa indaba yezingqungquthela. Abantu abajahe izingqungquthela bayizilima. Bajahe nje ukulwa."
UMkhize uthe akazi ukuthi yini enye ezolekelela i-ANC uma ihluleke wukuphuma namaqhinga okulungisa isimo sayo kwiNGC.
UMkhize naye ukhuze ukuklwebhana kwamalungu e-ANC.
"Into okufanele siyazi wukuthi njengoba silapha sithunywe amagatsha ethu ukuba sizowamela. Asithunywanga ukuba sizolwa izimpi zethu."
KwaZulu-Natal kube nesiphakamiso sokuba zihlehliswe izingqungquthela zokukhetha ubuholi besifundazwe nobezifunda okuhlelwe ukuthi zibe ngoNovemba.
Ilungu le-ANC esifundeni iNokuhamba Nyawo, uMnuz Rich Zwane, lithe izingqungquthela zizophazamisa umkhankaso wokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo.
UZwane uthe izinhlangothi ezibanga izikhundla uma kuzoba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi be-ANC ziyaye zibekane amabala.
"Uma kuzoba nezingqungquthela siyaye singcolisane. Indlela esingcolisana ngayo kuba nzima ukusebenza ndawonye emva kwengqungquthela."
UZwane uphakamise ukuthi kuqhubeke ubuholi besikhashana obukhona kuze kudlule ukhetho.
Uthe uma izingqungquthela ziqhubeka i-ANC izolahlekelwa omasipala.
"Ngabe siyicabangisisile le nto yokuba nezingqungquthela? Akufanele siyithathe kalula le nto. Into ezokwenzeka kuzogcina kuzuza abantu abambalwa abasebuholini uma sekuxoxwa eyokubambisana komasipala namanye amaqembu."
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Phumulo Masualle, lithe zizoqhubeka kumnyama kubomvu izingqungquthela.
UMasualle uthe abafuni ukuthi kuyiwe okhethweni i-ANC iholwa amathimba esikhashana.
I-ANC KwaZulu-Natal naseGauteng iholwa amathimba esikhashana kulandela ukuhlakazwa kobuholi bezifundazwe ngenxa yokungenzi kahle okhethweni lukazwelonke lwangonyaka odlule.
"Sathatha isinqumo sokuthi kufanele kube nezingqungquthela zokukhetha ubuholi kuzona zombili lezi zifundazwe. Kufanele uthi uphela lo nyaka zibe sezihlalile izingqungquthela zokukhetha ubuholi bakulezi zifundazwe. Ngonyaka ozayo sifuna ukugxila emkhankasweni wokhetho. Yngakho sifuna ukuthi izingqungquthela zibe kulo nyaka."
Related Topics: