URICHARD 'Richie S' Siluma uzofihlwa eNewcastle, eSonto, emuva kwenkonzo yesikhumbuzo eseBassline eGoli, izolo
Image: SIGCINIWE
BAKHISHELWE ngaphandle abangabona abomndeni emngcwabeni wesihlabani somculo wombhaqanga nowe-reggae, uSolwazi Richard "Richie S" Siluma ozoba seNewcastle, ngeSonto. Okhulumela umndeni kamufi, uNtokozo Siluma, ugcizelele ukuba kufike amalungu omndeni kuphela, hhayi abanye abantu.
"Siyakuqonda ukuthi baningi ebebethanda ukubakhona nokuzobhonga emswanini. Siyaxolisa kakhulu kwabazophoxeka. Sihlonipha izifiso zikamufi."
UNtokozo uthe abantu bathole ithuba lokuvalelisa kuSiluma enkonzweni yesikhumbuzo ebiseBassline eNewtown, eGoli, izolo.
USiluma (72), obesaziwa ngelikaSaggy Saggila emculweni we-reggae, ushonele esibhedlela saseGoli, iMilpark Netcare, ngoMsombuluko ezintatha. UNtokozo uthe umufi wayengeniswe esibhedlela emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi emasontweni amabili adlule.
"Isifo sohlangothi sasidalwe yisifo se-high blood pressure. Wayengumqemane. Wavuka ekuseni wayobuza okuthize emahhovisi akwaSamro (okuyinhlangano eqoqa imali etholakala ngokudlalwa komculo emisakazweni naseziteshini zethelevishini), lapho afike wawa khona phansi. Wabe esephuthunyiswa esibhedlela, lapho edlulele khona emhlabeni," kusho uNtokozo.
USiluma waqala ukwaziwa kakhulu emculweni ngenoni elalithi (Umbhaqanga Jive Our African Dance ngo-1985, okuyingoma eyabuye yenziwa kabusha umculi kamaskandi ongasekho uMtshengiseni Gcwensa ngaphansi kwaMageza Amahle kodwa seyibizwa ngeTaxi Taxi ngo-2007. Empeleni uSiluma waqala ukubamba iqhaza emculweni ngo-1976, edayisa umculo owawukhiqizwa yi-Warner Brothers Communications, ngaphambi kokucula eqenjini i-The Love Brothers ngo-1979.
Ngo-1982, uSiluma wabe esekhushulelwa esikhundleni sokuba wuphrojusa.
Njengomunye wophrojusa bokuqala abamnyama, uSiluma waqala ukuphrojusa umculo weStimela ngaphansi kwe-Teal Records. Emuva kwalokho, wabe esenxenxa umzala wakhe, uLucky Dube, ukuba ashiye emculweni wombhaqanga angene emculweni we-reggae. Sekungumlando ukuthi uLucky wafike wakhonya kulo mculo kangangoba ushone esebizwa ngenkosi ye-reggae e-Afrika namaphethelo.
USiluma waqhubeka waphrojusela Izingane Zoma, Sinakho Dance Band, Thulani Manana, Pongola Home Train nabanye. Ngo-1999, uSiluma ugcine esehola iqembu iReggae Gospel Soldiers futhi bakhipha i-albhamu ye-gospel reggae esihloko sithi Zonke Izono. Ngo-2010, uzibize ngoSaggy Saggila wakhipha i-albhamu ye-reggae esehamba yedwa esihloko sithi Game 2010. Ngo-2012, wabuye wakhipha icwecwe elithi I Wanna Be With You, walandelisa ngelithi Endless Love Racing ngo-2014 nelithi Truth Needs To Be Told ngo-2017.
Emiklomelweni aseke wahlabana ngayo kubalwa oweProducer of the Year ngo-1988 kwaGallo Music, Superior Achiever Award kwaGallo Limited ngo-1989 nango-1990, Best Producer kuma-OKTV Music Awards ngo-1990, Contribution To The Arts Award kwiDrakensberg Promotions nakuMnyango wezobuCiko namaSiko ngo-2012, 50 Double Platinum & Gold Disc nge-albhamu kaLucky Dube ethi Slave. Uma ezihasha ubethi ungu "Saggy Saggila Somthakathi ongazingeli nabafokazana. Umashaya ndawonye njengendlala bazomzondel' okuhle ngokushintsh' izimpilo zomuzi nemizanyana".
UZOFIHLWA emathuneni asekhaya eNewcastle, ngeSonto, uRichard 'Richie S' Siluma
Image: SIGCINIWE
Related Topics: