Izindaba

Kuxabene ubendle kwi-ANC eMpendle

Sabelo Nsele|Published

U-RUSSEL Ngubo osethubeni lokuba imeya yoMasipala waseMpendle

Image: Sigciniwe

KUXABENE ubendle kumalungu e-ANC ngodaba lokuqokwa kwemeya entsha kuMasipala waseMpendle. 

Amalungu e-ANC awavumelani ngokufanele angene kulesi sikhundla esesihlale izinyanga ezimbili singenamuntu kulandela ukukhishwa kowayeyimeya, uMnuz Buyisani Mlaba, owakhishwa ngevoti sokungabethembi ubuholi bakhe. 

Kukhona amalungu e-ANC afuna ukuba kungene loyo owalahlwa yicala lokubulala, uRussel Ngubo, kanti amanye afuna kungene loyo owayeyimeya yomkhandlu, uNkk Sizakele Makhaye.

UNgubo noNkk Makhaye abawona amakhansela emkhandlwini, okusho ukuthi kukhona ikhansela okufanele lehle esikhundleni ukuze kungene oyedwa walaba abaphakanyiselwa esikhundleni. 

Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, buvele sebuqinisekisile ukuthi bafuna ukunikeza isikhundla sobumeya umuntu ongelona ikhansela. 

Indaba yokuthi kukhona ikhansela okufanele lidliwe yizembe ukuze kuzovuleka isikhala sozoba imeya, isidale imvunge.  

Amalungu e-ANC anganelisekile abambe umhlangano ngoLwesithathu ntambama, kuleli sonto, lapho ezwakalise khona ukuphikisana nokuthi kube khona ikhansela elikhishwayo. 

La malungu aqhubekile abamba umhlangano yize umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, ebewayalele ukuba angaqhubeki nomhlangano wawo.

UMabuyakhulu ubesabise ngokuthi bazothathelwa izinyathelo bonke abazohambela umhlangano.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngoLwesithathu emini.

"Lowa mhlangano awugunyaziwe. Abazowuhambela bazozibeka engcupheni yokuthi kumiswe ubulungu babo enhlanganweni."

UMabuyakhulu uthe abakaluphothuli uhlelo lokuqokwa kwemeya entsha.

"Siyazi ukuthi ukungabikhona kwemeya kudale ukuthi lungabi khona uzinzo. Sizolanda umuntu ongesilona ikhansela ukuba abe imeya khona kuzokuba nozinzo."

UMabuyakhulu umemezele ukuthi bazothathela izinyathelo amakhansela abo akulo mkhandlu angazange amvikele uMlaba ngesikhathi ekhishwa esikhundleni.

I-ANC inamakhansela amaningi emkhandlwini. Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMlaba saphumelela ngenxa yokuthi amakhansela e-ANC awazange avote.

UMabuyakhulu uveze ukuthi sebeluqedile uhlelo lokuqokwa kwabazongena ezikhundleni kuMasipala wakwaDukuza.

Lo masipala usuhlale izinyanga ezimbili ungenayo imeya kanye nephini lemeya kulandela ukusula kukaMnuz Ali Ngidi noMnuz Njabulo Cele. UNgidi noCele basula emva komyalelo wobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.

UMabuyakhulu uthe sebeqedile ukwenza inhlolokhono yabazongena ezikhundleni.

Kunamahlebezi okuthi i-ANC ihlela ukujuba owayeyimeya yoMasipala wesiFunda iLembe, uMnuz Siduduzo Gumede nowaweyimeya yoMasipala waKwaDukuza, uNksz Lindiwe Nhaca, ezikhundleni ezivulekile.

UMabuyakhulu umemezele ukuthi ikomiti lezokuqondisa ubugwegwe limthole emsulwa uNksz Nhaca obeshushiselwa ukuthi wanqaba ukwehla esikhundleni sobumeya ngonyaka owedlule.

Kwaze kwaphoqa ukuthi i-ANC ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNkk Nhaca ngonyaka owedlule, ukuze aphume esikhundleni.