UMNUZ Bamba Ndwandwe ojutshwe ukuba wumlawuli kuMasipala wesifunda uMkhanyakude
Image: KZN Cogta
KUNAMAHLEBEZI okuthi lugcine lugobile uphondo kuhulumeni waKwaZulu-Natal, ngodaba lokufakwa kukaMasipala waseMkhanyakude ngaphansi kweso lomlawuli.
Umthombo ongeke uvezwe uthe iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, inqume ukuhoxisa isinqumo sokufaka umasipala ngaphansi kweso lomlawuli, emva kokuba ubuholi bomkhandlu buphonsele inselelo isinqumo sokufakwa ngaphansi kweso lomlawuli.
Sekunezinyanga ezimbili kuvaliwe emahhovisi omkhandlu njengoba kukhona abangafuni ukwamukela ukujutshwa kukaMnuz Bamba Ndwandwe, njengomlawuli.
Kunecala elifakwe wubuholi bomkhandlu eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho buphonsela khona inselelo isinqumo sokufakwa ngaphansi komlawuli.
Umthombo utshele Isolezwe ukuthi maduze uhulumeni waKwaZulu-Natal, uzomemezela ukuthi umkhandlu awusekho ngaphansi komlawuli.
Umthombo uthe inkinga enkulu wukuthi uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, akazange asivume isinqumo sokufakwa komkhandlu ngaphansi komlawuli.
"Kwakufanele engabe uHlabisa wavuma ukufakwa komkhandlu ngaphansi komlawuli ungakadluli uJulayi 26. Njengamanje sisekupheleni kuka-Agasti. Nabo bagcine sebebona ukuthi ayikho le nto yabo. Bebengeke bayinqobe le mpi."
Amahlebezi okuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal sewehlele ngezansi kulolu daba, abuye aqiniswa yinkulumo kaMnuz Mike Mabuyakhulu, ongumgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal.
UMabuyakhulu uthe sekuseduze sitholakale isisombululo odabeni lwaseMkhanyakude.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngoLwesithathu.
UMabuyakhulu uthe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ubamukele kahle ngesikhathi bezokhala ngokufakwa komkhandlu ngaphansi komlawuli.
UMabuyakhulu uthe ubuholi bomkhandlu buyafuna ukuthi uhulumeni wesifundazwe ulekelele, kodwa wathi buyaphikisana nokufakwa ngaphansi komlawuli.
"Sinxusa uNtuli neKhabhinethi yakhe ukuba bamukele isiphakamiso somkhandlu sokuba uthunyelelwe abantu abazowulekelela khona kuzohamba uNdwandwe. Lokhu kuzobuyusa uzinzo."
UMabuyakhulu uthe ukufakwa komkhandlu ngaphansi komlawuli akukho emthethweni ngoba uHlabisa akazange avumelane nalesi sinqumo.
IMeya kaMasipala, uMnuz Siphile Mdaka, engafunanga ukusho ukuthi sebazisiwe yini ngokuhoxiswa kwesinqumo sokufakwa komkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli, uthe ukuvalwa kwamahhovisi omkhandlu akuzange kubaphazamise.
"Siyaqhubeka nokusebenza. Sibonga abantu baseMkhanyakude ukuthi basihloniphile kulesi sikhathi esinzima kangaka. Akuzange kube khona mibhikisho yomphakathi kulesi sikhathi kuvalwe amahhovisi kamasipala. Kube nombhikisho owodwa nje kuphela."
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe yize kukhombisa ukuthi uwufundile.
Nokhulumela uHlabisa, uNkk Pearl Maseko-Binqose, akazange awuphendule umbuzo awuthunyelelwe.
Related Topics: