IMEYA kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka
Image: Facebook
IMEYA kaMasipala waseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, isikhombe ngenjumbane umlawuli walo mkhandlu, uMnuz Bamba Ndwandwe, yathi akufanele azenze msulwa odabeni lokukhokhelwa izigidi zamarandi kwenkampani eyahluleka wukwenza umsebenzi.
UMdaka uthe uNdwandwe, osanda kubhala umbiko lapho esola khona ukuthi kwaba nenkohlakalo ethendeni yamanzi ka-R150 million, uyena kanye owayegunyaza ukuba kukhokhelwe inkampani eyahlulwa wumsebenzi wokufakela abantu baseJozini amanzi, ngaphansi kohlelo iNondabuya Water Scheme Project.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, lapho echithe khona izinsolo zokuthi kwagwazelwa abaholi be-ANC ngemali yale thenda.
"Yimizamo nje yokuthi kungcoliswe abe-ANC kuthiwe kunemali eyintshontsho abayithola."
UNdwandwe usanda kubhala umbiko awubhekise kuMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, lapho ephakamisa khona ukuba kuvulelwe amacala abaholi abathintekayo.
Inkampani eyathola ithenda, iMinathi Consulting Engineers, yagcina ifaka ompompi abangu-1 700, esikhundleni sabangaphezu kuka-2 500.
Njengamanje amanzi aphuma kuphela kompompi ababalelwa ku-700 kulaba eyabafaka.
UMdaka uthe imali eningi eyakhokhelwa le nkampani yagunyazwa uNdwandwe nophiko loMnyango wezokuBambisana neziNdaba zoMdabu, olwelekelela omasipala ezinhlelweni zengqalasizinda, i-Municipal Infrastructure Support Agency (Misa).
"Yonke into esasiyenza yayibhekwa izikhulu zeMisa. Yonke into esasiyenza yayigunyazwa iMisa. UNdwandwe uyena owayegunyaza ukuba kukhokhwe. Imali eningi yakhokhwa ngo-2021 nango-2022, ngesikhathi uNdwandwe ewumlawuli. Yonke into yayigunyazwa uNdwandwe neMisa. Izinsolo zikaNdwandwe zokuthi kunabaholi be-ANC abagwazelwa azinasisekelo futhi ngiyazichitha."
UMdaka uvumile ukuthi kwaba nezinkinga ohlelweni lokufakwa kwamanzi, athe kwenza ukuthi banqume ukumisa ithenda emva kokubona ukuthi iMinathi iyahluleka ukwenza umsebenzi.
"Ngokuhamba kwesikhathi, senza uphenyo olwathola ukuthi imali ekhokhiwe inkulu kakhulu ekubeni umsebenzi owenziwe umncane. Sabe sesinquma ukuba sihoxise inkontileka."
UMdaka uthe bafake icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho befuna khona ukuthi iMinathi ihlanze imali eyayithola kungafanele.
"Umbiko wophenyo esalwenzayo waveza ukuthi inkampani yakhokhelwa imali eyeqe ngo-R24 million. Umbiko uphakamisa ukuthi le mali kufanele ibuye. Ingakho ke sisenkantolo."
UMdaka uthe indlela okwanikwa ngayo ithenda iMinathi ngo-2019, yayingalungile, wathi iMinathi yayifike yenze umsebenzi kuphinde futhi kube iyona ezigadayo.
"Yayingusonkontileka iphinde ibe i-consultant. Lokhu kusho ukuthi yayifike yenze umsebenzi, kuphinde futhi kube iyona eshoyo ukuthi kufanele ikhokhelwe malini. Ingakho yagcina ikhokhelwa imali engaphezulu komsebenzi."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdwandwe ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, akayiphendulanga nemibuzo ayithunyelelwe.
Related Topics: