Izindaba

Ayihleli kahle i-ANC kuhulumeni waseKZN

Sabelo Nsele|Published

UMGQUGQUZELI we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mike Mabuyakhulu

Image: Tumi Pakkies/ Independent

IHLELI mazonzwane i-ANC kuhulumeni wokubambisana ophethe iKwaZulu-Natal njengoba ikhala ngokudliwa izithende amaqembu ebambisene nawo.

I-ANC ibize isithangami nabezindaba izolo lapho ikhale khona ngokuhlokolozwa abaphathiswa be-DA ne-IFP.

Umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthe sebekhathele ukufakwa umunwe esweni abaphathiswa bamaqembu ababambisene nawo.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, eThekwini.

UMabuyakhulu ubalule uMphathiswa wezeziMali oyilungu le-DA, uMnuz Francois Rodgers, noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu oyilungu le-IFP, uMfu Thulasizwe Buthelezi, wathi kufanele bafakwe emgqeni.

Phambilini, ukungahoshelani kuhulumeni wokubambisana bekuphakathi kwe-ANC ne-IFP kanti manje sekuphakathi kwe-DA ne-ANC, emva kokuba uRodgers esabise ngokufaka ngaphansi kweso lomlawuli uMnyango wezokuThutha esifundazweni.

UMnyango wezokuThutha uphethwe uMphathiswa oqhamuka kwi-ANC, uMnuz Siboniso Duma.

URodgers usonge ngokuthi uzowufaka ngaphansi komlawuli lo mnyango ngenxa yezinsolo zenkohlakalo.

Usanda kuwuyalela ukuba uqale phansi uhlelo lokuqoka abazohlomula kwithenda engaphezu kuka-R300 million, yokuthutha abafundi ezikoleni olusiza abafundi abangaphezu kuka-157 000.

Usephinde wafaka uMnyango wezeMfundo ophethwe yilungu le-ANC, uMnuz Sipho Hlomuka, ngaphansi kweso lomlawuli.

UMabuyakhulu uphinde wakhalaza ngokuthi uButhelezi ufaka omasipala abaphethwe i-ANC ngaphansi kweso lomlawuli.

Uthe kufanele bahloniphane abaholi bamaqembu abusa ngokubambisana ngoba bahlezi endlini eyodwa.

"Siyakuqonda ukuthi lapha siphethe nabantu esibanga nabo amavoti. Sangena ngenxa yokuthi sicabangela abantu, sifuna kube nozinzo. Onke amaqembu amane kufanele alwele uzinzo. Lokho akusho ukuthi kufanele sivumele amanye amaqembu agibele phezu kwethu. Siyawahlonipha amanye amaqembu. Nathi silindele ukuthi amanye amaqembu asihloniphe."

Uthe: "Asilindele ukuthi kube khona amaqembu azosebenzisa izikhundla kuhulumeni wokubambisana ukulwa izimpi zepolitiki. Akekho umphathiswa okufanele azenzele umathanda. Lapha siphethe ngokubambisana. Abantu abathola u-11% abakwazi ukwenza sengathi bathola u-51%."

Izinsongo zikaRodgers zimdalele amazinyo abushelelezi ophikweni lwentsha kwi-ANC, i-ANCYL KwaZulu-Natal, oluthe i-DA kufanele iphume kuhulumeni wokubambisana uma isikhathele.

I-DA KwaZulu-Natal imvikelile uRodgers. IPhini lomholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Sithembiso Ngema, lithe bazoqhubeka nokulwa nokungalandelwa kwemigomo ebekelwe ukusetshenziswa kwemali.

"I-ANCYL kufanele ingakhohlwa ukuthi i-ANC yathola u-17% okhethweni olwedlule besuka ekutholeni u-54% okhethweni lwango-2019. Kufanele engabe sikhona isifundo abasitholile kulokhu. Sinxusa onke amaqembu aphethe KwaZulu-Natal ukuba abambisane embhidlangweni wokwakha kabusha umnotho wesifundazwe khona abantu bezothola amathuba angcono."

UMnyango wezokuThutha ukhiphe isitatimende lapho ugxeke khona isenzo somnyango kaRodgers sokukhipha isitatimende esiqinisekisa ukuthi zoqalwa phansi ithenda yokuthutha abafundi ezikoleni.

UMnyango kaDuma usole umnyango kaRodgers ngokudukisa nokuputshuzela abezindaba ulwazi oluyimfihlo.