Izindaba

Okusha ngeloboshelwe ukubulawa kukaMagaqa

Sabelo Nsele|Published

UMSOLWA uMnuz Zweliphansi Sikhosana evele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu

Image: NPA

SIZOQHUBEKA ngenyanga ezayo isicelo sebheyili sowayeyimenenja kaMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Zweliphansi Sikhosana, oboshelwe icala lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.

USikhosana ubevele eNkantolo yeMantshi, eMzimkhulu, izolo, lapho bekuqhubeka khona isicelo sakhe sebheyili.

Ngesikhathi kuqhubeka isicelo izolo, uMbuso yiwo ubuwenza izethulo emva kwezethulo ezenziwa ngabameli bakaSikhosana ngesikhathi kuqala ukulalelwa kwesicelo sebheyili emasontweni amabili edlule.

Icala libe selihlehliselwa uSepthemba 2, lapho khona abameli bakaSikhosana bezophinde benze izethulo ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo.

UMbuso uthe ugabe ngofakazi olazi ukusuka nokuhlala itulo lokusocongwa kukaMagaqa, wathi unesitatimende sikafakazi esiveza ukuthi uSikhosana uyena impela owayengungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulawa kukaMagaqa.

USkhosana yena uthe uzowaphika onke amacala abekwa wona.

UMagaqa owayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu, wabulawa ngo-2017, kanti uSikhosana wanindwa yinkabi eyavuma icala, uSibusiso Ncengwa.

UNcengwa wathi uSikhosana nowaweyimeya yoMasipala wesiFunda iHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe, yibona ababengongqondongqondo betulo lokubulawa kukaMagaqa.

USikhosana noNdobe bake baboshelwa leli cala ngo-2018 kodwa abuye ahoxiswa amacala kubona ngenxa yokushoda kobufakazi.

USikhosana uthe akamazi uNcengwa, watshela inkantolo ukuthi waqala ukumbona ngesikhathi beboshwe ngo-2018.

"Izinsolo azenzayo ngami zingcolisa igama lami."

UMagaqa kuthiwa wabulawelwa ukulwa nenkohlakalo. UNcengwa wagwetshelwa iminyaka ewu-25 ebhadla ejele emva kokuba evume icala.

Abanye abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana, bayaqhubeka nokuliphika icala, kanti uMyeza noMpofana bazovela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngo-Okthoba, lapho kuzoqulwa khona icala labo.

Omunye umsolwa, uMnuz Mlungisi Ncalane, kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala emva kokuhlolwa ingqondo.