ANC
Image: Sizwe Ndingane
UMBIKO uphakamisa ukuthi bavulelwe amacala emaphoyiseni abaholi be-ANC abasolwa ngokuthola amantshontsho ezigidigidi zamarandi enkampanini eyashiya ingaqedile ukufakela abantu amanzi eMkhanyakude.
Umbiko obhalwe ngumlawuli kaMasipala wesifunda, uMnuz Bamba Ndwandwe, uphakamisa ukuthi mabavulelwe amacala abaholi ababili abanezikhundla eziphezulu kwi-ANC esifundeni iNokuhamba Nyawo, okuyisifunda sikaKhongolose eMkhanyakude.
Laba baholi, amagama abo agodliwe ngenxa yokuthi abazange batholakale ukuba baziphendulele, kuthiwa bathola intshontsho lika-R10 million enkampanini eyahlomula ngethenda yokufakela abantu baseJozini amanzi ngaphansi kohlelo iNondabuya Water Scheme Project.
Kulolu hlelo olwaqala ngo-2019, kwakufanele kuhlomule imizi engu-2 400.
Inkampani eyanikwa umsebenzi, iMinathi Consulting Engineering, yashiya ingawuqedile umsebenzi emva kokukhokhelwa u-R150 million.
Umnikazi wenkampani, uMnuz Minathi Mthimkhulu, kuvela ukuthi wabhala incwadi efungelwe lapho echaza khona kabanzi ngokufumbathisa abaholi be-ANC.
UNdwandwe waqokwa ukuba abe ngumlawuli kuMasipala weSifunda uMkhanyakude ngenyanga eyedlule nokwalandelwa umsindo, iziphathimandla kulo masipala zingafuni ukulandela umyalelo wesifundazwe.
UNdwandwe usebhalele uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, emyalela ukuba athathele izinyathelo abaholi abasolwa ngokwamukela amantshontsho.
Umbiko, obonwe yiSolezwe, uveza ukuthi iMinathi yayidizela abaholi be-ANC abathintekayo ngo-10% (wemali yethenda). Umbiko kaNdwandwe uveza ukuthi laba baholi babethola intshontsho njalo uma kukhona imali ekhokhelwe iMinathi.
"IMinathi yabakhokhela izikhawu eziwu-14 imali ephakathi kuka-R500 000 no-R1.7 million ngo-2022. Umbiko uveza ukuthi le mali yayifakwa kuma-akhawunti asebhange ahlukene. La ma-akhawunti asebhange kwakungawezinkampani zomuntu oyedwa. Umnikazi weMinathi wayeyilanda imali kumnikazi walezi zinkampani bese eyinika u...(egagula umholi we-ANC)."
Umbiko uqhube ngokuthi umasipala wagcina usunqaba ukukhokhela iMinathi ngenxa yokuthi yase ikhokhelwe imali eningi kakhulu ekubeni umsebenzi wokufakela abantu wawuhamba kancane.
"IMinathi yagcina iletha incwadi lapho yayisho khona ukuthi inqamula inkontileka yayo nomkhandlu. Lwama kanjalo-ke uhlelo lokufakela abantu amanzi."
Okhulumela uButhelezi, uMnuz Senzelwe Mzila, ukuqinisekisile ukuthi bawutholile umbiko. UMzila uthe uButhelezi uzothatha izinyathelo ezifanele.
Ngakolunye uhlangothi, uSomlomo womkhandlu, uMnuz Solomon Mkhombo, uthe bafuna ukuthi iMinathi ihlanze imali eyayikhokhelwa. UMkhombo uthe iMinathi yathola ngokweqile imali ewu-R24 million.
"Saqala uphenyo olwathola ukuthi le nkampani yakhokhelwa ngokweqile. Sisenkantolo naye, siyambopha. NoMcwaningi Mabhuku naye wathola ukuthi samkhokhela ngokweqile ngo-R25 million. Siyalufuna uphenyo oluzoveza ukuthi yashonaphi le mali."
UMkhombo ubuye wakhala ngokuthi uButhelezi usebenzisa inkohlakalo eyenzeka kulolu hlelo ukulwa izimpi zepolitiki.
"Umphathiswa wenza izinkulumo lapho athi thina sigangile. Lokhu kwenza manje ukuthi singabe sisaluthemba uphenyo alwenzayo."
Related Topics: