UNDLUNKULU wakwaLinduzulu uThandekile Jane Ndlovu Zulu
Image: KZNDSAC
UNDLUNKULU weSilo esabuza uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uThandekile Jane Ndlovu Zulu, usexwayise onomehlo abanenkinga yophuzo oludakayo ukuthi bangayicabangi nokuyicabanga eyokuza eMkhosini woMhlanga wakulo nyaka.
Uthe onomehlo abaphuzayo bazowukhomba umuzi onotshwala uma beke babanjwa kulo mkhosi ohanjelwa yizinkulungwane zezintombi, bebukhile.
Ukusho lokhu ngesikhathi kunomcimbi wokweluleka izintombi nonomehlo obusenkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo, KwaMashu.
Uthe nakuba onomehlo benza umsebenzi omuhle wokugada izimbali zesizwe, kodwa kukhona abenza okungalungile.
"Isekhona leyo mithonseyana yonomehlo abagcina benza okungalungile, sebephethe izintwana zabo ezimnandi o(egagula igama lotshwala) nobani bani. Ngishilo bakithi ngikhuluma nonomehlo, siyacela ukuthi abantu abangahambi beyophoxeka phambili lapho sebephethe khona izinto ezimnanjana kubona, bese beba yisibonelo esibi."
Uthe onomehlo abahlulwa wukuzithiba baze basize bangalubhadi eMkhosini woMhlanga.
"Noma ngabe umuntu uyaphuza akazame ukuzithiba, angaphuzi. Bonomehlo ngike ngasho ukuthi siyacela konomehlo abaphuzayo ukuthi bangezi emhlangeni. Ngicela basale la. Iphoyisa liye lisho uma uphuza ushayela, ukuthi phuzela ekhaya. Kanjalo nonomehlo abaphuzayo abadakelwe emakhaya. Abangayi kosihlaza lapha phambili."
Uthe kuzoba nohlelo lokubheka ukuthi ngabe bonke onomehlo bafanelwe yini wumsebenzi.
"Kuzoba nohlelo lokuqeqesha onomehlo. Sizobheka ukuthi ngabe bonke onomehlo basenza khona yini okulungile. Sifuna ukubona ukuthi onomehlo bayisibonelo esihle yini ezintombini. Sicela ukuthi nani nikhuzane. Umakhelwane wakho uyamkhuza angaze ayohlazeka phambili."
Uphinde wenza isiphakamiso sokuthi zonke izintombi zihlolwe ukuthi azizithwele yini ngaphambi kokuba zigibele amabhasi aya emhlangeni.
Uthe kunabantu asebeke babeletha emva nje kwenyanga bekade beseMkhosini woMhlanga.
"Ngenxa yokuthi akekho umuntu ohlolwayo emhlangeni, izintombi zihlolwa ezifundeni eziqhamuka kuzo, kuyenzeka ukuthi kube khona izintombi eziya emhlangeni zikhulelwe. Zithi zibuya nje emhlangeni zibe ziyishaya phansi ingane. Sigcina singazi ukuthi uphunyuke kanjani kunomehlo?"
Uthe:"Lokhu kuthunaza isithunzi salo msebenzi. Kungagcina mhlawumbe nohulumeni esethi kanti akusebenzi lutho uma umuntu ekwazi ukuya emhlangeni, athi ebuya nje ngenyanga elandelayo sekubhedile. Kunobufakazi bokuthi kuyaye kwenzeke into enje. Sisahleba okwamanje."
Uthe bazohlawuliswa labo okuzothalakala ukuthi bahambe umkhosi bekhulelwe.
"Uma nje sike sathola ukuthi uye lapha komkhulu wayongcolisa, kufanele ugeze isigodlo uphinde ugeze zonke izintombi."
UMkhosi woMhlanga uzokuba sesigodlweni eMashobeni ngoSepthemba 13-14.
Kuzoba kungokokuqala ukuba umkhosi ubanjelwe eMashobeni njengoba kule minyaka engu-40 eyedlule, ububanjelwa esigodlweni eNyokeni.
Isinqumo seSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sokususa umkhosi eNyokeni sesiqubule imibuzo yokuthi ngabe isigodlo esisha sikulungele yini ukusingatha lo mkhosi ohanjelwa yizinkulungwane zabantu.
UMphathiswa wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe konke sekumi ngomumo.
"Elami linye nje Ndlunkulu yakithi, iSilo iNdlulamithi yamakhosi sithe siya eMashobeni. Owami umsebenzi wukuba ngisho izwi elilodwa lokuthi uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal umi ngomumo. Sikulungele ukuya eMashobeni."
Related Topics: