Izindaba

Idlinza likaButhelezi lizokwenziwa indawo yokugcina amagugu

Sabelo Nsele|Published

OWAYENGUNDUNANKULU kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi

Image: Sigciniwe

IDLINZA likandunankulu kaZulu ongasekho, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, lizokwenziwa indawo yokugcina amagugu ezingeni lesifundazwe.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uzokwethula ngokusemthethweni izinhlelo zokwenza idlinza likaButhelezi indawo yokugcina amagugu, ngoLwesithathu.

Idlinza likaButhelezi ongumsunguli we-IFP, lisemzini wakhe kwaPhindangene, eMahlabathini.

Ngokwesitatimende esikhishwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal, uhlelo lokuphendula idlinza likaButhelezi ukuba libe yindawo yokugcinwa kwamagugu luzothatha iminyaka emithathu.

Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina, uthe izinhlelo zokwenza idlinza likaButhelezi indawo yokugcina amagugu zizokwethulwa wundunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, kanye nomndeni wakwaButhelezi.

UGina uchaze izinhlelo zokwenza idlinza indawo yamagugu njengengqophamlando.

"Ukwethulwa kwalezi zinhlelo kuzokwenza ukuthi isizukulwane esizayo singagcini nje ngokwazi uButhelezi njengomholi, kodwa sizomazi njengendoda eyazinikela ngokweqile ekuthuthukiseni abantu kanye nezwe layo. Emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo kuzokhuluma abaholi abaqhamuka kuhulumeni, abaholi bomdabu, abakwaButhelezi kanye nezicukuthwane ezimenyiwe."

UGina uthe phakathi kwezinto uButhelezi azokhunjulwa ngazo yiqhaza alibamba ekusungulweni kweMangosuthu University of Technology, Ithala Bank nendawo yezimboni eseMandeni, iSithebe Business Development Zone.

UButhelezi waba wundunankulu kaZulu ngaphansi kwamakhosi amathathu akwaZulu kusukela ngo-1954 kwaze kwaba uyakhothama ngo-2023.

Waqala ukuba wundunankulu kaZulu ngesikhathi kubusa iSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, waqhubeka kubusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, waphinde waqhubeka nesikhundla ngesikhathi kungena iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.

UButhelezi waba wumengameli we-IFP kusukela ngo-1975 kwaze kwaba wu-2019.

Wayehola uhulumeni wakwaZulu phakathi kuka-1977 no-1994.

Phakathi kuka-1994 no-2004 wayengungqongqoshe wezasekhaya, futhi wayeke abambe isikhundla sikamengameli wezwe uma ababengomengameli ngaleso sikhathi bephumile bekwamanye amazwe.